Isithombe esigciniwe: AP Photo/Sian Watson Isithombe esigciniwe: AP Photo/Sian Watson
Uyazi kuyadumaza ukubona amahlazo enziwa abantu besifazane uma sebebukhile nokwenza ukuthi ubone ukuthi le nto yayingafanele ukuphuzwa umuntu wesifazane ikakhulukazi labo abangakwazi ukuzilawula nokuzihlonipha uma sebephuzile.
Ziningi izinto ezingalungile ezenziwa umuntu wesifazane eziyihlazo osuke eseqiwe amankwebevu nezidicilela phansi isithunzi sakhe njengomuntu wesifazane.
Ukube kuya ngami ngabe ngithi wonke umuntu wesifazane owomayo akathenge amankwebevu ayophuzela endlini yakhe lapho ezokwazi ukubenuza khona kahle engabonwa muntu kuze kube uficwa ubuthongo alale.
Ayikho mnandi le nto esiyibona ezinkundleni zokuxhumana nasezitaladini lapho othola khona ukuthi owesifazane usephuzile bameqa ngoba benjalo nje bayahluleka ukuzikalela, uthole ukuthi uselele esitaladini ukhamisile uvuza namathe, mhlawumbe, nezinto azigqokile sezingcole ziyaxathuka.
Akubukeki bakwethu, angifuni siqambelane amanga. Yebo siyaphuza ngoba siyoma kodwa akulungile kwasanhlobo. Abanye bavele behlise amadilozi bagovoze noma ikuphi ngoba basuke bengasaboni lutho futhi umuntu wesifazane ophuzile akakhuzeki nhlobo, uvele abe nenkani.
Benjalo nje nempi bayayithanda, kusuke kuyinhlanhla uma bephuze baze bagoduka bengaxabananga. Okunye okubi ngalo ijiki ukuthi libuye lehlele ngezansi, uthole umuntu esehangaza amadoda, eziphosa kuwo.
Angisayiphathi-ke eyalabantu besifazane abangogimba, umuntu ophuza noma yini ebekwe phambi kwakhe. Izinto esizenzayo uma siphuzile bantu besifazane ziyasihlambalaza futhi zenza amadoda anqikaze ukusishada.
Ayikho indoda engakhipha izinkomo zayo ilobole umuntu ophuza ahluleke nawukuhamba. Kubuhlungu ukubona umuntu wesifazane eyabhuzela edolobheni sekugqashuke nentambo kabhodisi mhlawumbe nezicathulo eseziphethe ngesandla, ehamba ekhuluma yedwa amankwebevu ebila ekhanda.
Ngifisa sizihloniphe singabantu besifazane, ngiyazi ukuthi nithenga ngemali yenu futhi nami angingeni ndawo lapho kodwa ngizama ukuthi siqoqe isithunzi sethu, noma ngabe ungumhambi wezindawo zobumnandi owaziwayo awuke uzame ukwehlisa.
Akubukeki ukuthi wena njalo njengomuntu wesifazane uhlezi ugonxe utshwala. Uma unezingane uzinika nini isikhathi futhi uzinakekela nini? Yonke imicimbi namagigi kwaziwa uwena, abanye sebeze banephuza-face, omunye usezibazibazi kade ayewa elwa esephuzile.
Abanye abasakwazi ukuhlala nje kuphele inyanga umuntu engaphuzile. Ayimnandi le mpilo esiyiphilayo bafazi, yebo imnandi kithina ngoba siyayithanda kodwa kukhona abantu abasondelene nathi abafisa engabe asiphili ngamankwebevu.
Kunabantu abasikhathalelayo abafisa siziphathise okwabantu besifazane. Awukwazi ukulala ngotshwala uvuke ngotshwala ungumuntu wesifazane uze ukhale ngebhabhalazi.
Uyacabanga nje usulimalela endaweni yobumnandi kade uphuzile, uyacabanga usulimala nemoto kade uphuzile?
Thenga iwayini lakho uhambe uyophuzela ekhaya, laba abaphuza ubhiya angifuni nokuyixoxa eyabo, Jehova. Mina ngikhule ngazi ukuthi ubhiya into yokuphuzwa amadoda, hhayi umuntu wesifazane. Ningangizwa kabi, angisho ukuthi yekani izidlo zenu kodwa ngithi asehliseni bakwethu sizikalele, singaphuzi njalo singaphuzeli esidlangalaleni sibukwa abantu.
Uma ungumuntu wesifazane akufanele uhlale utholakala ngaso sonke isikhathi uma kumele kuyophuzwa kuthintwe wena ngoba uyaziwa ukuthi ngasotshwaleni awucushwa.
Uyaziwa futhi nokuthi uyaziminyela, uphuza noma yini, awuzona izindleko kanti futhi unomusa uma usuphuzile nenkomo awuncishani nayo.
Ungabi ileyo nhlobo yomuntu wesifazane. Asifundeni ukuzithanda sikwazi nokuzikalela bantu besifazane siphinde sizikhethe nezindawo esiphuzela kuzo.