SGWEBO Sentambo SGWEBO Sentambo
USgwebo, odabuka oBuka, eMpangeni, uhlomule nge-albhamu yakhe ethi Yekani Umona.
“Bengingalindele ngoba abantu ebengiqhathwe nabo ngiyabahlonipha, njengoThokozani Langa. Uwubhuti omdala kimi futhi uye ongibonisayo.
Nguyena bhuti engimethembayo emculweni. Izimfihlo zami ngizitshela yena ngoba ngiyazi ngeke ngizizwe komunye umuntu,” kusho uSgwebo.
Lo mculi odume ngezingoma okubalwa kuzo ethi, Vele Kuyagwazwa nethi NjengoGcabashe ubeselinde iminyaka engu-11 esemculweni ukuze athole leli thuba.
“Akekho umculi okumele azizwe esenkingeni ngokuwina kwami. Akekho ozohlukumezeka. Mina ngiwuphathele abafowethu lo mklomelo, asikho isidingo sokuqhosha. Namhlanje eyami, kusasa izotholwa ngomunye,” kusho uSgwebo.
Uthe asikho isidingo sokuklolodela abanye abaculi ngoba akafuni kube noqhekeko emculweni.
“Abantu abasilandelayo yibo abakhuluma izinto ezigcina sezisixova. Mina ngidlala noBahubhe ngoba wumngani wami. Angingcweki ngendlela ezohlukumeza umuntu,” kuchaza uSgwebo.
Lo mculi obuye aziwe ngokugida kunyakaze isiteji njengoba aze athola nendondo yeBest Performance kumaNtshontsho Kamaskandi Awards ngo-2013, ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka.
“Ngiyabonga nasenkosini yakwaBiyela, uChakijana kamjololo osifundisa nenhlonipho.”
Uthe usazoqhubeka nokuphusha i-albhamu yakhe ngoba iseyintsha kwazise iphume ngoDisemba.
“Ikhona kodwa enye ezayo engizoqala ukuyenza kuyona le nyanga kaJuni engizoyiqamba ngokuthi yi-Ebola,” kuphetha uSgwebo.