USho Madjozi no-AKA bangene eminxeni eyahlukene kulezi zindondo ezoba eMicrosoft Theatre eLos Angeles, e-USA, ngoJuni 23.
Igama lika-AKA liphakanyiswe koweBest International Act nokuyilapho eqhathwe noBurna Boy noMr. Eazi baseNigeria, uDave and Giggs base-UK, Aya Nakamura noDosseh baseFrance.
Ngakolunye uhlangothi uSho Madjozi ungene koweBest New International Act noTeniola Apata waseNigeria, Headie One no-Octavia base-UK, Jokair noNesly baseFrance.
U-AKA ukhiphe umyalezo ebonga kubalandeli bakhe ngokumeseka.
Uthe unesifiso sokubuya nayo le ndondo kodwa futhi ngeke kumephule umoya ukunganqobi ngoba izobe itholwe umuntu emfanele.
Ukuqokwa kuka-AKA kulezi zindondo ajike abuye eshwiba izandla, sekuphenduke insakavukela.
Ngo-2014 nango-2016 * -AKA wangena kule mikhakha ehambela phezulu kodwa wehlulwa.
Lokhu kuze kwenza abantu baqhamuka nesiteketiso sokuthi ‘AKAwinanga’.
Nyakenye uSjava uhlabe umxhwele abaningi ebuya nale ndondo ngenxa ye-albhamu yakhe ethi Umqhele.
Kwenzeka lokhu nje i-albhamu ka-AKA yakamuva iTouch My Blood ihlomule ngePlatinum yesibili kuleli sonto.