Ezokungcebeleka

Ezothando: Ushadile kodwa akafuni sihlukane

Ezothando|Published

ELAWINI LIKA-MAGUMEDE  

Umbuzo: Ngingowesifazane nginenkinga yokuthi njalo uma ngiya ocansini nomyeni wami kuba khona ubuhlungu obungachazeki ngenkathi senza.

Le nto isinesikhathi yaqala ukwenzeka kodwa manje selokhu ngiyazenzisa ngizama nokubekezela ukuze umyeni wami angaphoxeki ngoba ngisuke ngimbona ukuthi yena ujabulile, ngakhoke akumele ngimphazamise.

Uyazi sisi ngisho sesiqedile uma ngithi ngiyochama kuvele kuthi angihayize kakhulu ngale ndlela engachazeki. Manje angazi ukuthi ngingamtshela kanjani ukuthi mina angiluthokozeli ucansi nokuthi ngicela uma kukhona into oyaziyo ukuthi ingase ingisize ungiyalele yona sisi wami.

Impendulo: Kwesinye isikhathi thina bantu besifazane ziningi izinto ezinzima esibhekana nazo ngesikhathi kuyiwa ocansini kodwa siqhubeke sithule sibekezele ngenxa yokuthi sizama ukujabulisa amadoda ethu.

Ubuhlungu obuba ngenkathi uya ocansini ngiyabazi futhi akulula ukubuziba ngoba ekugcineni uthola ukuthi uziba nje kanti uyalimala ngaphakathi. Yingakho kubalulekile ukuthola usizo kusenesikhathi.

Umyeni wakho angikholwa ukuthi anganqaba ukukweseka uma uzomtshela ngale nto ekuphethe nakhona ungalindi nize niye ocansini. Mtshele nje kukuhle ningenzi lutho, bese uyahamba uyobonana nodokotela wabesifazane yikhona ezokuxilonga akunikeze nosizo. Ukuhlala ubekezele kungadala omkhulu umonakalo.

Umbuzo: Ngizithwele, konke bekuhamba kahle kodwa kamuva nje sekukhona izinguquko emzimbeni wami. Nginezinyanga ezingu 8 manje ngikhulelwe. Kulezi ezinye ezinyanga bengiluthokozela ucansi futhi bengifika kuvuthondaba kodwa manje hhayi angisafiki nhlobo ngoba ngisho nomzimba wami angisawuzwa kahle. Yingakho mina nesoka lami sesize sathatha isinqumo sokuthi singabe sisaya ocansini kuze kube ngiyabeletha. Iyangikhathaza le nto ngoba ngibona sengathi isoka lami lizobulawa indlala lize lilingeke liyofuna ngaphandle. Ngicela ukubuza sisi wami ngabe ngiyagula yini, okanye kuyinto ejwayelekile ukuthi uma owesifazane esezobeletha umzimba ungafuni lutho?

Impendulo: Awuguli ndawo khululeka vele sekuyisikhathi sokuthi nihlabe ikhefu ekuyeni ocansini wena nomyeni wakho kwazise sekusondele izinsuku zokubeletha.

Ngokujwayelekile uma owesifazane ezithwele kuba khona izinguquko eziningi ezihlukene emzimbeni wakhe kodwake ngenxa yokuthi imizimba yabantu ayifani. Kwabanye ziyashesha ukuqala, kwabanye ziyaphuza.

Kungenzeka ukuthi nawe ukungabe usafika kuvuthondaba ngenye yezinguquko ezidalwa ukuthi ukhulelwe futhi usuzobeletha. Uma usubelethile isimo sizobuyela kwesejwayelekile.

Uma kungenzeki lokho kuyodingeka ukuthi uxhumane nodokotela umchazele udaba lakho.

Umbuzo: Ngiseyibhungu nje elisakhula, eminyakeni emithathu eyedlule ngihambile ngayosoka nami njengabo bonke abafana esibhedlela ngoba bengibona sengathi ngizogcina ngisele ngedwa.

Ngisokile kwaphola kahle kodwa emva kwezinyangana ezimbalwa ngaqala ngabona sekukhona ushintsho endukwini yami ngendlela yokuthi ibingasafuni ukuvuka kahle.

Ngazitshela ukuthi mhlawumbe into yesikhashana esazodlula kodwa iqhubekile impela ngoba ngibhala nje ayisanyakazi nhlobo induku yami angazi ukuthi kwenzenjani.

Ngikhathazekile sisi MaGumede ngidinga usizo ngoba nalo muntu ebengizwana naye usevele wadinwa wangishiya kanjalo.

Impendulo: Ukusoka akuhlangene nokuvuka nokungavuki kwenduku.

Ngicela nje uyikhiphe leyo nto emqondweni ngoba izokugqilaza kakhulu ugcine usuze wakhohlwa ngisho ukusukuma ufune usizo ngendlela efanele.

Kungaba kuhle uvakashele udokotela wamadoda bhuti wami, khona uzothola usizo ngokushesha ubuye ugade nezinto ozidlayo kanjalo noziphuzayo ngoba nazo ziyaba nomthelela ongemuhle ekuweni kwenduku.

Ukube ukuwa kwenduku yakho kuhlobene nokusoka kwakumele iwe ngosuku lokuqala ubuyile.

Umbuzo: Ekuqaleni konyaka odlule ngalingeka ngajola nosisi omuhle nje impela. Ngebhadi kanti ushadile okuyinto engayithola sesike salala izikhawu naye. Ngenxa yokuthi ushadile ngamtshela ukuthi asihlukane, yena wanqaba, wathi ngeke kulunge ngoba uyafa yindlala endlini.

Besihlanganela ucansi kuphela futhi kuwuyena okhokhela izindawo esilala kuzona. Bekujwayele ukuthi kube yizimpelasonto uma ngingasebenzi noma kube uma siphuma emsebenzini.

Angisayithandi le nto angisafuni. Okubi induku ayivuki uma nginaye, yena uthi iwiswa ukuthi intombi yami ingicuphile.

Impendulo: Wathatha isinqumo esikahle uma uthi anihlukane, angiqondi ukuthi kungani usaqhubeka nokuthandana nalo muntu ibe ingasekho kuye inhliziyo.

Kuzokusiza ukuthi ukhumbule izinto ezaholela ekutheni ufune nihlukane kwasekuqaleni ngoba le mpilo ayiphephile neze. Nawe ngeke uthande uthola ukuthi intombi yakho le oyithandayo kukhona nje ohlezi eyikhwelele ngocansi ngezimpelasonto. Phuma kulo mshadikazi.

Kuphendula uDistance Gumede