Ezokungcebeleka

Ezothando: Ngikhuleliswe wumfowabo wesoka lami ngephutha

MO & PHINDI|Published

EZOTHANDO 

UMBUZO :Ngineminyaka ewu-27, sineminyaka eyisithupha sishadile nomyeni wami oneminyaka ewu-32. Siqale ukuba nezinkinga ngo-2008. Izinto azizinhle neze phakathi kwethu, sengiyamzonda ngisho ukumzonda. Inkinga iqale uma eseqala ukubuya ebusuku. Ubebuya engangeneki nokungeneka, ekhathele, engenaso ngisho isikhathi sendodana yethu. Angisazi nokuthi ngagcina nini nje ukuphuma naye njengabantu abathandanayo. Angisayiphathi eyocansi, into engingasayazi. Ngendlela engicasula ngayo le ndaba angazi nokuthi ngenzenjani.

Igama ligodliwe, eMargate

Impendulo: Kusobala ukuthi seniqhelelene kakhulu nomyeni wakho njengoba ususemshadweni ongesemnandi. Kodwa ngaphambi kokuthatha izinqumo ezinqala, zama ukuwulwela umshado wakho. Hhayi nje ngoba kunomntwana okumele nimcabange kukho konke enikwenzayo kodwa ngoba ufuna ukuhluleka uzamile. Akukuhle ukuvele uphonse ithawula ungazamanga. Sibona kubalulekile ukuhlala phansi nomyeni wakho umtshele ukuthi izinto azisahambi kahle emshadweni. Mnike ithuba lokuthi azisholo ukuthi ngokubona kwakhe kwenzekani phakathi kwenu. Kusengenzeka ukuthi zikhona izinkinga ezenza aziphathe ngale ndlela. Nawe usuzokwazi ukulungisa uma kukhona lapho ubona ukuthi ube nephutha khona. Kudinga abantu ababili ukwakha umshado. Uma nihluleka ukukhuluma njengabantu abadala ukulungisa umshado wenu seningazama ukuthola umuntu enimethembayo nobabili eningavuleleka kuyena ukuze nizame ukwakha umuzi wenu. Ukuhlukana makube yinto yokugcina.

Umbuzo: Ngithandana nabantu besilisa ababili. Omunye unemali futhi uyanginakekela kanti omunye usafunda futhi akanamali. Ngiyamthanda lo osebenzayo kanti lo ongasebenzi nginaye ngoba ngizwelana nesimo sakhe - ungumuntu olungile nosuka ekhaya elingamile kahle. Angazi nokuthi ngingaqalaphi ukumtshela ukuthi kahle kahle angimthandi kodwa ngiyamzwela nje. Ngenzenjani?

Igama ligodliwe

Impendulo: Uzifake kanjani kodwa kule nkinga? Awukwazi ukuthanda abantu ababili. Kubalulekile ukuthi uzazi ukuthi uthandani. Unaso isiqiniseko sokuthi lona onemali akungoba umthandela imali yakhe nje kuphela? Kusengenzeka nokuthi naye umthandela imali nje kuphela. Ake uzibuzisise kahle lowo mbuzo. Akukuhle ukuqhubeka nomuntu wazi kahle kamhlophe ukuthi awumthandi. Ngakho kubalulekile ukuthi uyeke ukudlala ngezinhliziyo zabantu abangenacala. Mkhulule ubhuti ukuze aqhubeke nempilo. Kungcono azi manje ukuthi awumthandi kunokuthi athole emva kokuchitha isikhathi sakhe. Phuma uphele kulobu budlelwane.

Umbuzo: Ngingowesifazane oneminyaka ewu-21. Nginenhlanhla yokuthandana nomuntu engimthanda ngenhliziyo yami yonke. Ngelinye ilanga ngaya lapho ehlala khona ngingashongo, ngafika engekho yena kukhona umfowabo. Saqala lapho ukukhuluma nokujwayelana nomfowabo nokugcine kuphela ngokuthi sibonane ngasese nokulapho ngigcine sengithola ukuthi ngikhulelwe ingane yakhe.

Sivumelene ngokuthi singayivezi le ndaba ngoba isoka lami lingasibulala sobabili uma lingathola. Angiboni ngizokwazi ukuhlala nale mfihlo kuze kube sekugcineni. Ngihlalele ovalweni.

Igama ligodliwe, eThekwini

Impendulo: Kodwa kwenziwa yini ukuthi zithi zihamba kahle izinto umuntu afune ukuzixova kungenasidingo? Manje ukhulelwe umntwana ebesingekho isidingo sokumletha emhlabeni ngale ndlela. Ayikho enye indlela yokuphuma kulolu bishi ngaphandle kokuthi uphumele obala umele okuqalile. Ibuhlungu kakhulu le nto oyenze esokeni lakho ngeke sikukhohlise kodwa ukubaleka ngeke kukusize ngalutho. Kungenzeka kumthathe isikhathi ukuphinde amthembe omunye umuntu wesifazane asisakuphathi okwenzile kubona njengomndeni.

Umbuzo: Ngingowesifazane ona-27 ubudala. Seloku kwathi nhlo ngithandana nabantu besilisa noma ngizwa ukuthi anginayo imizwa yabo. Noma kunjalo ngiyaziphusha ngoba yinto engibona ukuthi ilindelekile kumina njengomuntu wesifazane. Kulezi zinsuku ngizwa kunzima kakhulu ukuzenzisa ngoba iya ngokukhula indlela engizizwa ngayo ngabantu besifazane. Angisakwazi ukuzibamba manje.

Nana, KwaMaphumulo

Impendulo:

Sikhuthaza abantu ukuthi mabaphile impilo eyiqiniso ngoba sikholelwa ekutheni amanga ayakubamba ekugcineni futhi akubi kuhle mhla iqiniso selivela. Kuhle ukuphumela obala neqiniso noma kubuhlungu kangakanani. Ungaqala ngokuphumela obala emndenini ukuze ukwazi ukukweseka uma usuphumela obala kothandana naye.

- Kuphendula uMo noPhindi