Ezokungcebeleka

Bacike imantshi uBabes Wodumo nodadewabo bevela enkantolo

Anelisa Kubheka|Published

UMCULI weGqom' obevele enkantolo ngoLwesithathu nodadewabo uNondumiso Simelane noThobeka 'Tipcee' Ndaba. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) UMCULI weGqom' obevele enkantolo ngoLwesithathu nodadewabo uNondumiso Simelane noThobeka 'Tipcee' Ndaba. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)

ZIPHINDE zazidonsela amanzi ngomsele izintokazi zakwaSimelane zifika sekudlule isikhathi eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesithathu ebezivela kuyona. 

UBabes Wodumo (Bongekile Simelane) nodadewabo obuye abe yimenenja yakhe uNondumiso Simelane baziqhathe nemantshi befika sekudlule isikhathi esingaphezulu kwehora kwebesibekwe yinkantolo ukuthi bavele ngaso. Lezi zintokazi zithe bezinenkinga yemoto. Umsolwa wesithathu, uThobeka ‘Tipcee’  Ndaba ufike ngesikhathi enkantolo. Bobathathu basolwa ngecala lokutitinya owesifazane eMbilo ngoMashi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kwale nyanga laba bobathathu bakhishelwa izincwadi egunyaza ukuthi baboshwe kulandela ukungafiki kwabo enkantolo bezovela okokuqala. Bagcina bezinikelile emaphoyiseni bevela enkantolo batholwa benecala lokungaveli enkantolo. UTipcee kuphela owatholwa enganacala kulandela ukuphatha incwadi kadokotela eyayifakazela ukuthi wayephethwe yisisu.

BUKA:

Kulokhu iMantshi uJackie Jonck uxwayise abakwaSimelane ukuthi ngeke akumele ukungaziphathi kwabo ngendlela enkantolo, wathi ngokuzayo kumele babize i-Uber uma benenkinga nemoto.

Ngesikhathi kuqhubeka ukudingidwa kwecala ababhekene nalo abasolwa baveze ukuthi sebenommeli omusha, uMnuz S Shongwe, kulandela ukuhoxa kowayebamele bevela okokuqala.

Ummeli wabo omusha unikezwe izitatimende zamaphoyisa ezithinta leli cala. Icala lihlehliselwe uMeyi lapho kuzondlalelwa khona ukuqulwa kwecala.