Ezokungcebeleka

Ezothando: Senginolaka ngenxa yendlala yocansi emshadweni

KUPHENDULA U-DISTANCE GUMENDE|Published

Umbuzo:

Ngingowesifazane osemncane, nginenkinga ngihlala nabazali bami. Ngisanda kuthola ukuthi ubaba engihlala naye akasiyena ubaba wami wangempela. Uma ngizwa kuthiwa umama wahlukana nobaba ngisemncane wabe esethola lona ashade naye njengamanje.

Sengike ngambuza umama ngesibongo sami sangempela kodwa wanqaba ukungitshela.

Wathi ngifunani ngoba nginaye ubaba lo esihlala naye futhi angikaze ngilale ngingadlile.

Kimina akukho mayelana nokulala ngidlile okanye ngingadlile kodwa ngifuna ukwazi ubaba wami wangempela ongizalayo.

Ngifuna nokuthola umndeni wami wangempela ngoba ngelinye ilanga ngiyazi ukuthi zikhona izinto ezizoba inkinga empilweni yami ngenxa yokuthi angisazi isibongo sami soqobo.

Yikuphi engingakwenza ukuze umama angitshele ukuthi ngingawuthola kuphi umndeni wami?

Ngalokho angisho ukuthi ngizobe sengiyawubalekela umndeni ongikhulisile. Kodwa ngifuna ukwazi imvelaphi yami.

Impendulo

: Angisiboni isidingo sokuthi unyoko akufihlele ukuthi kukuphi kini nokuthi ubani uyihlo wangempela. Yebo, siyabonga ngoba lo baba ohlala naye ukukhulisile wakondla.

Kepha kunezinto okuzofanele uzenzelwe ekhaya kini njengamasiko okuyogcina kuphoqa ukuthi umama wakho akwazise ukuthi ungowakabani kahle wena.

Akukhathaleki noma ngabe ubudlelwano phakathi kukanyoko noyihlo abuphelanga kahle. Kodwa wena awungeni ndawo lapho, unelungelo lokwazi ukuthi uzalwa ubani. Akunandaba noma ngabe uyihlo akasekho emhlabeni kodwa ngikholwa ukuthi umndeni wakhe nezihlobo zakhe zisekhona.

Awukhulume nonyoko futhi umcele akwazise ngemvelaphi yakho ngoba ingozi yale nto ungagcina usuhlangana nobhuti wakho ongamazi, uthandane naye, mhlawumbe nize nibe nengane naye ngento ebingakwazi ukugwemeka kuseyimanje.

Mncenge kahle unyoko ntombazane, ucele akusize ngoba le nto uyadinga ukuyazi.

Umbuzo

: Ngingowesifazane angijabulile neze emshadweni njengamanje. Ngisanda kushada futhi konke bekuhamba kahle phakathi kwami nomyeni wami ngaphambi kokuba sishade. Kodwa manje angazi ukuthi sekubuye kwajika kuphi.

Inkinga enginayo induku yakhe ayisafuni nhlobo ukunyakaza. Kuhlula ngisho sengizama nezitayela engaziyo ukuthi azishayi eceleni kodwa induku yakhe ivele ingibuke nje.

Le nto isidala ukuthi sihlale ngokuxabana njalo ngoba nami sengiphenduke ngaba nolaka ngenxa yendlala yocansi. Siyazama kona ukusukuma siyofuna usizo kodwa okwamanje akukho okusasisizile. Kuhlula ngisho sengimbuza ukuthi kungabe kukhona yini into emudlayo emenza aphathwe ukhwantalala nomzwangedwa kodwa uthi cha, akukho lutho.

Sibancane nomyeni wami. Kufanele engabe injabulo ibuzwa kithina, engabe izitayela zocansi simuka nazo uthuli kodwa lutho akunjalo. Ngicela usizo.

Impendulo

: Ibuhlungu le nkinga enibhekene nayo nomyeni wakho. Ngiyabonga ukuthi uyameseka kukhona konke. Kungenzeka ukuthi ikhona inkinga umyeni wakho abhekene nayo emudlayo, mhlawumbe asabayo ukukutshela yona ngoba nawo umzwangedwa uyakwenza ukuthi induku ikhophoze inganyakazi nhlobo.

Kuzomele nithole umeluleki wezemishado oqeqeshiwe mhlawumbe umyeni wakho uzokwazi ukuxoxa ukuthi inkinga yakhe ikuphi.

Ngaphandle kwalokho bakhona nodokotela bamadoda abaqeqeshiwe nabo abanganisiza ekutheni nidlule enkingeni enibhekene nayo.

Umkhuthaze futhi umyeni wakho ukuthi azwane nokuchatha nokucobelelana nolwazi nezinye izinsizwa okungamsiza.

Okwamanje awuthi ukubekezela kancane ungamlahli futhi ungajoli ngoba uyambona ukuthi naye akahleli uyaludinga usizo.

Umbuzo

: Dadewethu ngixakekile. Ngashonelwa inkosikazi ngasala nezingane.

Ngazama ukuzikhulisa ngendlela efanele. Ngenxa yesizungu sengizame kaningana ukuthola umuntu engizohlekisana naye kodwa ayikhona akwenzeki, bonke bayangiphunyula. Uma ngingaphosisi bathathu abantu esengihlukane nabo kusukela ngo-2016 selokhu inkosikazi yadlula emhlabeni.

Uma ngithi ngiya kwababonayo kufike kuthiwe inkosikazi inesikhwele kayifuni ukubona omunye umuntu wesifazane eduze kwami.

Le nto iyangihlupha ngoba phela ngeke ngikwazi ukuhlala ngingenamfazi impilo yami yonke. Okungikhathaza kakhulu ukuthi bonke abantu engihlola kubona bayazama ukwenza izaba zokuthi ngisizakale kodwa kudlule kufane.

Impendulo

: Angazi ukuthi ngalapho izinto nizenza kanjani. Kodwa ngokwazi kwami uma wadlulelwa inkosikazi emhlabeni, uma usufuna ukuganwa futhi kufanele uqiniseke ukuthi zonke izidingo zakho nemicimbi okumele enzelwe kona usuqedile, bese ushisa impepho ucele kuyena njengondlunkulu ukuthi akusize akufunise umuntu oqotho ozokwazi ukuhlala nezingane zakhe.

Noma ngabe unesikhwele kanjani kodwa uma zonke izinto zakhe uzenze ngendlela efanele angeke akunikeze inkinga. Mhlawumbe labantu ohlola kubo bakwenzele nezaba akukaqondani kahle. Angisho ukuthi bashaya eceleni.

- Elawini likaMaGumende