:
BESENGITHANDANE nowesilisa unyaka wonke. Ekuqaleni kwalo nyaka wangitshela ukuthi asihlukane ngoba akasangithandi. Singibulele kakhulu isenzo sakhe ngoba sengizizwa ngizenyeza kakhulu emva kwesenzo sakhe.
Ukhona umuntu ongathi hlukanani esikhaleni nje, kungazange kwenzeke lutho? Angikaze ngibuzwe ubuhlungu obungaka. Ngifisa sengathi akazange abe khona kwanhlobo empilweni yami. Angiboni ukuthi ngiyophinda ngikwazi ukuthanda omunye umuntu ngelinye ilanga.
Igama ligodliwe, eMbumbulu
:
Sizwelana kakhulu nawe. Kubuhlungu ukuhlukana nomuntu usamthanda. Isimo esinjengalesi sizokwenza uzibone ungemuntu walutho kodwa kuzoba ngcono emva kwesikhathi. Okwamanje ake uzinike isikhathi sakho nje sokuthi uzithole kahle ukuthi ungubani futhi ufunani. Lokho kuzokusiza ukubuyisa isithunzi sakho. Zinike isikhathi ngaphambi kokungena kobunye ubudlelwano. Awufuni ukungena kolunye uthando ekubeni usenemibuzo mayelana nendlela isoka lakho elikulaxaze ngayo. Umthwalo uzoba lula emva kwesikhathi.
:
Ngineminyaka emithathu ngithandana nowesifazane ongenaso nhlobo isikhathi sami. Ekuqaleni benginganaki ngoba ngithi mhlampe umsebenzi awenzayo othatha isikhathi sakhe esiningi. Manje angisazi ngempela ukuthi ngenzenjani.
Kule minyaka emithathu ngiyazibala izikhathi esesibonane ngazo. Kodwa okungixakayo ukuthi ngiyambona ezinkundleni zokuxhumana engcebeleka nabangani bakhe. Kanti yini ngempela inkinga? Ngabe yimi noma kukhona okushaya amanzi?
Okhathazekile, Umlaza
:
Kusobala ukuthi awukho mnqoka empilweni yalo wesifazane. Yingakho ekwazi ukuba nesikhathi sabangani. Miningi kakhulu iminyaka emithathu ukubonana amahlandla ambalwa. Akoni ukuhlalisa isithandwa sakho phansi uzwakalise ukungagculiseki kwakho. Uthando lufana nayoyonke into esifuna ikhule - ludinga isikhathi nokunakekelwa okufanele. Luyafa malingakutholi ukunakekelwa okufanele. Luthathele phezulu loludaba.
:
Nginenkinga yesoka elingafuni nhlobo ukusebenzisa ijazi lomkhwenyana. Sengiyikhulume le nto ngaze ngoma amathe, angisazi ngenzenjani. Nginovalo ngezinto esengizizwile zabantu abagcina sebengenwe yigciwane lengculazi ngenxa yokungazinakekeli. Angizimisele ngokusheshe ngife. Ngisenamaphupho amakhulu, namaningi ngempilo yami ngakho ngeke ngivumele umuntu ofuna ukucekela phansi impilo yami ngenxa nje yothando.
Igama ligodliwe, Chesterville
:
Ukuzivikela kukhombisa ubuhlakani obukhulu ikakhulukazi kumuntu eningakashadi naye. e. Ungalinge ufake impilo yakho engcupheni ubhekile. Isoka lakho kumele lihloniphe isinqumo sakho noma libone elafika ngayo. Akusona isinqumo sakhe nje eyedwa ukuthi nizivikele. Uma uphikisana nesenzo sakhe akanayo enye indlela ngaphandle kokuqala manje azijwayeze ijazi lomkhwenyana.
:
Besesineminyaka eyisishiyagalolunye sihlala ndawonye nesoka lami, singashadile futhi lingangilobolile. Besihlala nabantwana bethu abane - owami oyedwa, nowakhe oyedwa kanye nababili esibathole sesindawonye. Bengilithanda kakhulu futhi ngilibona nekusasa nalo kodwa kufike la ngikhathala khona ukuhlukumezeka engikuthola ezandleni zalo. Sekwenziwe eminingi imihlangano nemindeni yethu yomibili kodwa lutho ukushintsha ubhuti. Usathanda abantu besifazane namanje, akangazi nokuthi ngiyini. Sekufike la nami ngikhathala khona.
Khona nginalo uvalo lokuthi kunezidingo zasendlini ebezimele yena, ngizokwenzenjani uma ngabe engasekho endlini? Angiboni ukuthi ngizokwazi ukumela izidingo zabantwana ngingedwa. Ngenzenjani?
Igama Ligodliwe, South Coast
:
Le mibuzo oyibuzayo, inokubuzwa abesifazane abaningi abahleli nabantu ababahlukumezayo. Esikhathini esiningi kulula ukucabanga ukuthi uma uhlala esimweni esinjengalesi wenzela abantwana. Kodwa okumele ukwazi ukuthi abantwana abeve bekwazi ukubona uma izinto zingahambi kahle phakathi kwabazali, awudingi ngisho ukubafihlela.
Udinga ukumnqumela ugwayi katiki manje. Uma engazimisele ngokukhula nokushintsha kuzobe kusho ukuthi akakufanele ukuba sempilweni yakho.
Ngeke uhlale nomuntu ngoba uhlalele izinto akwenzela zona. Emva kwesikhathi uyokwazi ukwehlisa izinga lempilo kuze kube usunamandla anele okuphilisa umndeni wakho. Futhi naye kumele aqhubeke nokunakekela abantwana noma engasahlali nawe.