: Ngingumfelokazi oneminyaka ewu-23 oshonelwe umyeni ngonyaka odlule engozini yemoto. Ngibona olukhulu ushintsho kumamezala wami selokhu kwashona umyeni wami.
Waqala ngokulanda ipasi lomyeni wami emva komngcwabo, wazama nokungikhipha emzini wethu.
Ngenxa yokuthi anginalo ipasi lakhe angikwazi ngisho ukulandelela indaba yezimali zakhe zasemsebenzini.
Manje angazi ngenzenjani ngoba umamezala selokhu alithatha ezolibuyisa aliphindanga labuya.
Kuyimanje akafuni nokuzwa ngepasi lomyeni wami.
Ngibona sengathi kuyimizamo yokuthi ngingakwazi ukukhipha imali yomyeni wami. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjani.
Igama ligodliwe, eMlaza
:
Bekungasisiza kakhulu ukuzwa izizathu umemezala wakho azinikezayo ukunqaba nepasi lendodana yakhe. Asiboni ukuthi kungakhona umuntu okhulile ngokomqondo ongenza isenzo esinje ngaphandle kwezizathu ezibambekayo.
Uma sithatha ngokuthi ninobudlelwane obuhle nabasemzini wakho, sibona kungumbono omuhle ukudlulisa udaba emindenini yomibili ukuze kube yibona abazolusingatha.
Uma kungasizi lokhu, bheka isivumelwano somshado wenu nomyeni wakho. Uma ningakaze nisayine isivumelwano ngaphambi komshado, noma yena asayine incwadi yokwaba ifa, umamezala wakho akanalo ilungelo lokugcina ipasi lomyeni wakho.
Ngakho sibona kungakusebenzela ukuya enkantolo yemindeni uyothola iseluleko esifanele nesisemthethweni. Noma ngabe nayisayina inkontileka yomshado noma yena wayenencwadi yokwaba ifa, kubalulekile ukuqhubeka uyothola usizo lwamalungelo akho asemthethweni enkantolo yomndeni. Ungakuvumeli ukuhlukunyezwa ngale ndlela.
:
Umyeni wami ubengihlupha eminyakeni eminingi sishadile, aze afike nezintombi zakhe emzini wethu ngikhona. Uma ngibatshela abakubo bebevele bangenzi lutho bangamkhuzi ngezenzo zakhe. Udlule emhlabeni ekuqaleni kwalo nyaka ngenxa yegciwane lengculazi. Umndeni wakhe ima usuqala ukungibuza manje imibuzo mayelana nokushona kwakhe. Kanti babethi ngithini uma ngibatshela ukuthi ubeletha amantombazane ahlukene emzini wethu. Ubengangihloniphi nhlobo njengonkosikazi wakhe kodwa manje sekumele ngithwale amacala akhe. Ngenhlanhla ngithole ukuthi mina anginalo igciwane.
MaDlamini, eMlaza
:
Kube isenzo esihle ngasohlangothini lwakho ukukhuluma nabakubo engekashoni umyeni wakho. Okuhle kakhulu kwaba ngukuzivikela wena kwigciwane.
Sithi qhubeka nokuwuhlonipha umndeni wakhe, ungawubambeli amagqubu ngendlela abaluphatha ngayo lolu daba. Khumbula, indlela wena obaphatha ngayo kuyinkomba yobuwena nendlela wena oziphatha ngayo, hhayi bona. Uma umndeni wakhe ufuna ukukhuluma nawe maqondana nesifo somyeni wakho, bachazele. Kepha nawe qaphela inhliziyo nemizwa yakho, ngoba nawe wayengakuhloniphi umyeni wakho. Ungasabi ukubatshela ngenhlonipho ukuthi awukho sesimeni esihle sokukhuluma lolu daba ngoba nawe awukapholi. Kodwa ungawathwali amacala akhe futhi ungavumi ukuhlukunyezwa. Sikufisela okuhle kodwa.
:
Ngineminyaka ewu-27, ngizwana nowesilisa ona-28. Sesineminyaka emithathu sindawonye. Inkinga angikaze ngibone lapho ehlala khona, uthi unqena umama wakhe noma ngithi yena akalale kwami uhleze enesizathu esenza ukuthi angakwazi ukulala kwami. Asikwazi nje ukuba ndawonye isikhathi eside njengabo bonke abantu abathandanayo. Ukwenza kwakhe kungenza ngizibuze imibuzo eminingi. Ngabe ungithanda ngempela noma kukhona akufuna kumina?
Igama ligodliwe, eBotha’s Hill
:
Ungaqali nhlobo ukuzithandabuza wena. Akukho okubi okwenzile. Uyena ofanelwe ukuphendula, hhayi wena. Uyena kuphela owaziyo ukuthi kungani eqhubeka nokwenza ngale ndlela. Kuphela esingakwenza thina, ukuqagela.
Iminyaka emithathu uthandana nomuntu ungakaze uhlangane nabakubo kuyinto engajwayelekile. Mhlawumbe okumele ukubuze kusukela manje yinhloso yakhe ngobudlelwane benu. Lokhu kuzomele ungakuthathi ngemizwa yothando okuzokwenza ugcine ungasaboni noma esezidlalela ngawe. Nawe unalo ilungelo lokucacisa ngokuthi uzizwa uphatheke kanjani ebudlelwaneni okubo. Musa ukunikeza umuntu amandla amakhulu ngale ndlela, kuze kube sengathi wena awunawo amandla namalungelo okuthandwa. Buyisela amandla akho kuwe, uzinqumele ukuthi wena ufuna ikusasa elinjani.