Ezokungcebeleka

Isithembu sicindezela abesifazane: umlingisi weSibaya

S'MANGELE ZUMA|Published

Umlingisi weSibaya u-Ayanda Borotho odlala indawo kaMaDlamini oganele esithenjini sakwaZungu Umlingisi weSibaya u-Ayanda Borotho odlala indawo kaMaDlamini oganele esithenjini sakwaZungu

AKAFUNI nokuyizwa eyesithembu umlingisi weSibaya u-Ayanda Borotho odlala indawo kaMaDlamini oganele esithenjini sakwaZungu.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe isithembu silungele uMaDlamini (osesithombeni) kodwa yena engu-Ayanda ushaya phansi ngonyawo.

“Akuyona impilo engiyaziyo futhi akuyona impilo engifisa ukuyazi. Ngiyazi ngaye uPhumelele, ngikahle futhi lapho,” kusho u-Ayanda.

Kulezi zinsuku uMaDlamini ongomunye wamakhosikazi kaMpiyakhe Zungu (Siyabonga Twala) uzithola esenkingeni njengoba enukwa ngokunyamalala kwenkosikazi encane yomyeni wakhe uMaMkhize (Lerato Mvelase). Uthe ngesikhathi etshelwa ngale ndawo ayidlalayo kwaba yinto emxakayo kodwa wasizwa ukuthi unabo abantu abasesithenjini abuza kubona.

“Umuntu osesithenjini uyazi vele ukuthi esithenjini kwenzeka kanje. Abantu engahlala nabo bangichazela ukuthi yinto ekhona vele, kulula ukuthi kusolakale umakoti omncane. Vele ukufika komuntu wesifazane omncane kunawe kuvusa isikhwele, kuvusa umona. Nawe ngeke uze uthande ungumuntu wesifazane,” kusho * -Ayanda.

Uthe kumthinte kakhulu lokhu, kumkhombise ukuthi abantu besifazane bayahlupheka ngezindlela eziningi.

Isithembu uthe ngenye yezinto ecindezela abantu besifazane kodwa ngeke ame endleleni yalabo abafuna ukungena kusona ngoba isinqumo sabo, angahlangene naso.

“Kimina kungivezela ukuthi abantu besifazane kumele babekezelele izinto eziningi amadoda angeke azibekezelela. Kungivusela amanxeba okuthi ngiwumuntu wesifazane eNingizimu Afrika kunezinto ezingikhumbuzayo ukuthi ngingaphansi komuntu wesilisa,” kusho * -Ayanda.

Uveze ukuthi isithembu usaze ngomunye wabangani bakhe ophuma ebukhosini owayeke agonyuluke ngezinye zezingqinamba ahlangabezana nazo emshadweni wakhe. Izingxoxo zabo uthe zazimvezela ukuthi akumnandi, okwenza ukuthi aziqhelelanise naso.

Izingane eziningi eziphuma esithenjini uthe uyaye azizwe zithi azisoze zaganela kuso ngendlela ezahlukumezeka ngayo zikhula. Abalandeli beSibaya uthe bazobona uMaDlamini osevukile emaqandeni ngoba phambilini ubephilela umyeni nomndeni wakhe.

Uthe kule sizini ezayo uzothi ukuphaphama abeke phambili izifiso zakhe.