UMBUZO: Ngingowesifazane onabantwana ababili nowayeshadile. Ngibe nenhlanhla enkulu yokuhlangana nowesilisa esithandana ngendlela eyisimanga futhi ofuna sishade maduze nje. Inkinga iyodwa nje ngaye ukuthi unokungabathandisisi kahle abantwana bami futhi akakwazi ngisho ukufihla.
Manje angazi noma kungumqondo omuhle yini ukuqhubeka nokushada nomuntu ongakhombisi uthando kubantwana bami. Ngiyabathanda kakhulu abantwana bami kanti naye ngiyamthanda okwenza ngingazi ukuthi ngenzenjani.
Igama ligodliwe, eBerea
Impendulo:
Kumele ukubeke kucace kozoshada naye ukuthi awuhambi wedwa. Uma efuna ukushada nawe kumele azi ukuthi kufanele amukele abantwana bakho ngoba bayingxenye enkulu yempilo yakho. Kubalulekile ukuthi azi ukuthi awujabule neze ngokubonayo phakathi kwakhe nabantwana. Uma engazimisele ukwamukela abantwana bakho kuzobe kuchaza ukuthi akazimisele ukushada nawe ngoba wena awuhambi wedwa.
Umbuzo:
Ngishonelwe umyeni wami ngonyaka odlule manje abakubo sebenokuzama ukungihlanganisa nomfowabo omdala ongakashadelwa ukuze athathe indawo yomyeni wami. Angiziboni nje sengithandana nomuntu ebengimhlonipha njengobhuti womyeni wami. Ngabe kulisiko yini ukwenza ngale ndlela? Ngenzenjani uma ngingahambisani nesinqumo sabo?
Thokozani, eHluhluwe
Impendulo:
Kunesiko elibizwa ‘ngokungenwa’ lapho umfelokazi kumele aqhube igama lomndeni ngokuthi ashade elinye lamalungu omndeni emva kokushona komyeni wakhe. Xoxisana nabantu abadala bomndeni ngokuthi uyawuthanda umndeni futhi awuboni ukuthi ukushona komyeni wakho kuzokuhlukanisa nabo ngakho awuboni kungumbono omuhle ukushada nomfowabo womyeni wakho. Ufuna ukuqhubeka nokumhlonipha njengobhuti wasemzini futhi ubona ukuthi ukumshada kuzokona ubudlelwane benu.
Umbuzo:
Unkosikazi wami unokusebenzisa inkonzo yasekamelweni ukungijezisa. Njalo uma sixabene nanoma kungasiphi isizathu, yena uzokwenza kubande nje ekamelweni. Phambi kwabantwana uzoshaya sengathi konke kuhamba kahle phakathi kwethu. Banele bahambe abantwana bese ebuyela ekudinweni kwakhe. Nami sengifinyelele la sengikhathele khona futhi nginovalo lokuthi ngelinye ilanga isenzo sakhe sizogcina sesingikhiphela ngaphandle. Phela nami njengendoda nginezidingo okumele unkosikazi wami ahlangabezane nazo. Angifuni nami kuze kufike la ngilingeka khona. Ezikhathini eziningi abantu besifazane yibona abenza abantu besilisa bagcine sebebheka engxenye.
Ngingenza kanjani ukuze isimo sibuyele endleleni esasiyiyo kudala?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Kubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi ukuxabana noma ukuphikisana ngemibono akuhlangene nokwenzeka ekamelweni. Yingakho kubalulekile ukulungisa izinto zenu ngaphambi kokuya ekamelwe ukuze kungabi bikho into ezoma ezonivimba uma senisekamelweni. Into eyenza izimo ezinjengalezi ngabantu abangafuni ukuzikhuluma izinkinga ngesikhathi zezenka. Awunaso isizathu sokuphumela ngaphandle. Hlala emzini wakho ulungise izinkinga zomuzi wakho. Zifundiseni ukulungisa izinto ngesikhathi ezenzeka ngaso ukubalekela ukuthi lishone ilanga kunezinkinga eningazilungisile.
Umbuzo:
Abasemzini abanginiki indawo yami. Ngisho befuna imali ngizwa ngomyeni wami ukuthi bebecele imali. Kwezinye izikhathi ngibona ngabo ukuthi kanti ubebanike imali noma bebecele usizo oluthize. Angazi noma lokhu bakwenza ngoba umyeni wami kunguye omdala kubo ngakho babona ukuthi vele kumele abondle. Anginayo nencane inkinga kodwa ngibona sengathi kumele bakhulume nami noma umyeni wami angazise uma kunezidingo abanazo. Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjani. Sengizamile ukulukhuluma lolu daba nomyeni wami kodwa yena akaliboni iphutha labantu bakubo. Ngenzenjani?
Impendulo:
Ngumyeni wakho okumele afundise abantu bakubo indlela okumele benze ngayo ikakhulukazi njengoba esenonkosikazi. Akumele avumele umndeni wakhe ungene phakathi kwenu. Ngokomthetho kumele baqale kuwena njengonkosikazi bese kuba nguwe owazisa umyeni wakho ngezidingo abanazo. Sibona kungcono ukukhuluma nomyeni wakho, menze abone ukuthi awunankinga nomndeni wakhe kodwa uzama ukulungisa into engagcina isingena phakathi kwenu uma ningayilungisi manje. Menze abone ukuthi lokhu ukusho ngenhliziyo emhlophe. Nomndeni wakhe uzozwa kahle uma kuqhamuka ngakuyena kunokuthi batshelwe nguwena.