Ezokungcebeleka

IBanomoya iphambili kwezizohlukanisa unyaka

Sbu Masango|Published

UBUSISWA opikwe engomeni kaPrince Kaybee ethi Banomoya okubhekeke ukuthi ihlukanise unyaka Isithombe: BISISWA GQULU/INSTAGRAM UBUSISWA opikwe engomeni kaPrince Kaybee ethi Banomoya okubhekeke ukuthi ihlukanise unyaka Isithombe: BISISWA GQULU/INSTAGRAM

NJENGOBA kubhekwe ingoma ezohlukanisa unyaka kusasa, kuvela ukuthi ingoma ehamba phambilini kuKhozi FM nakuThobela FM ekaPrince Kaybee epike uBusiswa ethi Banomoya.

Le ngoma ihamba phambili kulezi ziteshi zombili njengoba kuyizona ezibambe iqhaza kwiSABC Summer Song of the Year.

Lokhu kuqinisekiswe wu-Owen Ndlovu ongumgqugquzeli walo mqhudelwano weSummer Song of the Year.

Uthe ingoma kaPrince Kaybee noBusiswa iyaqengqeleza ngamavoti.

Ngesikhathi sokuloba uNdlovu uveze ukuthi elele isibili ingoma kaKing Monada ethi Malwedhe bese isithathu kube wuMaster KG ngethi Skeleton Move.

UNdlovu uveze ukuthi uMonada usele emuva ngamavoti angu-10 000 kuPrince Kaybee obukeka ezidlela amahlanga.

“UPrince Kaybee uhamba phambili kuKhozi FM nakuThobela. Umculi ozonqoba kuKhozi FM uzothola uR10 000 nozonqoba kuThobela uzothola uR10 000. Uma enqobe kuyo yomibili imisakazo uzothola R20 000 nemoto iKia Picanto 1 litre. Bese umculi owine kuyo yomibili imisakazo athole uR100 000. Umlaleli woKhozi FM noweThobela FM bazothola izimoto ezimbili iKia Picanto 1 litre,” kusho uNdlovu.

Uthe njengoba kungunyaka wesithathu yenziwa iSummer Song of the Year, iyagcina kulo nyaka.

UNdlovu uthe ukuvotela iSummer Song kuvalwa kusasa ngo-12 emini.

ITop 10 yoKhozi FM imi kanje:

-Prince Kaybee noBusiswa (Banomoya), -King Monada (Malwendhe), -Master KG (Skeleton Move), -Manqonqo, Dason noSoviour Gee (Eyadini), -Vusi Nova noJessica Mbangeni (Asiphelelanga), -Abathandwa (Ehhe Moya Wami), -Dladla Mshunqisi noProfessor (Amalukuluku), -DJ Westa, Biggie noFunky Qla (Obaleka), -Mlindos Kwesta, Thabsie noSfeesoh (Macala), -Malumz on Decks, Gino Brown noMr Vince (Shay’inumber).

Njengoba ingoma ethi Banomoya ihamba phambili, uma kwenzeka ihlukanisa unyaka ungayicula uma isidlala. Izinhlamvu zayo zithi:

Kuthi huu (x10)

Hhe hheyi

Kuthi huu (x10)

Hhe hhe hheyi

Zonk’ ezam xaz’buy’ uzoz’bona

Banomoya

Xa be dlula (Kuthi huuu)

Uzokholwa

Bayaz’thengela neChampagne

Bazoz’khuphela nelobola

Ungazobhora

Banomoya

Ungazobhora

Banomoya

Xa bedlula (Kuthi huuu)

Uzokholwa

Bayaz’thengela neChampagne

Bazoz’khuphela nelobola

Hheyi

Ungabhud’ uthi “nas’ iSlay Queen”

Ngendlel’ asestylini ngayo uchomam

Ungad’ ucing’ba’ uyayincumel’ imali

Uzombamba

Kanti kungaphela le party

Uyahamba

Engawinwanga

Hheyi

Ndililahle

ungumlilo

Sichisa konke esendleleni yethu

Ndilirhaki

Nawe ulilo

Wonke umuntu uyaybona lento

Ey thina sithi, thina sithi

Sohamba ekseni

Ey thina sithi, thina sithi

sogroover ekseni phindu

Sifakele leyongoma

Sifakele leyongoma