Ezokungcebeleka

U-DJ Speedsta uchazekile ngezinga le-hip hop kuleli

Mcebo Mpungose|Published

ULesego Nkaiseng odume ngelika DJ Speedsta uthi ukubamatasa kwakhe kwithelevishini nasemsakazweni kwenza athathe isikhathi sakhe uma epheka umculo ULesego Nkaiseng odume ngelika DJ Speedsta uthi ukubamatasa kwakhe kwithelevishini nasemsakazweni kwenza athathe isikhathi sakhe uma epheka umculo

INDIMA ye-hip hop eNingizimu Afrika ingenye esaqhubeka nokukhula ngesivinini kuleli nasemazweni angaphandle.

Lokhu kugqama kakhulu uma ubhekisisa ukukhula kwezinto ezithinta ‘usiko’ oluhambisana nezinto ezithinta lolu hlobo lomculo kwazise vele abathandi bawo bawubiza ngesikompilo, okuyinto oyithola emculweni kamaskandi kuphela kuleli.

Ubona ngendlela okugqokwa ngayo, izitayela ezenziwa ekhanda, imidanso yakhona nokwehluka kwezinhlobo zayo i-hip hop ukuthi kuningi okwenziwa ama ‘Skrrr skrrr kids’ - okuyitemu abalandeli balo mculo ababizwa ngalo.

Kamuva nje engxoxweni noDJ obalwa nabaphambili kwi-hip hop, uDJ Speedsta, kuhlale obala ukuthi kuningi okuthinta lo mculo namhlanje okuyinkomba yokukhula kwawo.

UDJ Speedsta, onguphrojusa ophinde abe ngumethuli wezinhlelo emsakazweni nakuthelevishini nonyaka uqhubeke nomgqigqo wokukhiqiza amaculo aphambili ngeculo alenze no-Okmalumkoolkat, iCombos Communicating.

AmaCombos aqeda ukwenzani wona lawa?

“Ngolunye usuku ngizihlalele e-studio ngathintwa womunye umngani wami engazisa ukuthi * -Okmalumkoolkat umatasa urepha phezu kwezinsimbi ezididiyelwe yimina.

Ngamthinta, ngambuza ngayo ngamazisa ukuthi ingeyami sabe sesixoxa ngokwenza ingoma ndawonye ngoba bese kunesikhathi sifuna ukwenza iculo ndawonye,” kuchaza uSpeedsta.

Le nsizwa egama layo langempela uLesego Nkaiseng, ineminyaka engu-26, futhi izalwa eVaal.

Ibe isithuthela eGoli, iyofuna kuleli dolobha amathuba angcono omsebenzi.

Njengophrojusa obalwa nabaphambili kuleli uthi baningi abantu abahlezi befisa ukusebenza naye kodwa uthanda ukuthi kuzenzakalele, akathandi ukuphoqa izinto.

“Angivele ngiwukhiphe nje umculo. Kumele kube nento engithathayo kuqala ukuze ngazi ukuthi abalandeli bazothatheka yini.

Angifisi ukuzithola esimeni lapho abalandeli bezibuza ukuthi yini manje le esengiyikhiphile,” kusho uSpeedsta, othe ubesemaze iminyaka emine * -Okmalumkoolkat ngaphambi kokuthi benze iculo labo lokuqala ndawonye.

Usho kanjena nje ngo-2016 ukhiphe iculo namanje elisathandwa abantu abaningi, imayo, apika kuyo uYung Swiss, Shane Eagle, Tellaman noFrank Casino.

Nokho ngasekuqaleni kwalo nyaka uSpeedsta uke wazwakalisa ukungenami ngokuzitshwa uFrank Casino noShane Eagle, ababengomafikizolo ngesikhathi ekhipha iMayo nabo. Wabhala kwiTwitter ukuthi labo mrepha ‘base bezibona bengcono kakhulu’ ukwenza umculo naye kwazise wayelokhu ebacele njalo ukuthi ]enze amaculo nabo kwi-albhamu yakhe ezophuma ngonyaka ozayo.

“Sekudlulile manje kodwa ngaleso sikhathi ngangingaphansi kwenkulu ingcindezi.

Ngiwumuntu nami ngiyazwela kodwa ngaleso sikhathi amaphaphu ayephezulu, angiyithandi indlela engaziphatha ngayo, ikakhulukazi ukubhala ngakho ezinkundleni zokuxhumana kodwa konke lokho sekudlulile ngoba bakhona kwi-albhamu yami kanti kumanje nje ngishaya imicimbi noShane.”

Njengamaciko amaningi namhlanje, uSpeedsta ubambe ngapha nangapha endimeni yezokungcebeleka njengoba ethula iLive Amp, aphinde azwakale nakwiMetro FM ngoMgqibelo.

Uthe le misebenzi aqashwe kuyo yenza kungabi lula ukuthi ahlale ekhipha umculo njalo ngoba uthanda ukuthatha isikhathi sakhe uma enza umculo.

Kamuva nje kusuke umsindo ngohlu lomrepha abalishumi abaphambili kuleli olukhishwa yiMTV Base minyaka yonke. Nonyaka ohlale esicongweni kube uKwesta, walandelwa u-AKA, uNasty C wahlala endaweni yesithathu (okugxekwe abantu abaningi). Ngaphezu kwalokho, noma ikhula i-hip hop kuleli kunesikhalo sokuthi isithulula umculo ocishe ufane.

USpeedsta unqabile ukuphawula ngesimo salo mculo ngokwezinga kwalo njengamanje.

“Kudala ngangiphawula futhi ngigxeka ngoba ngangingawukhiphi umculo, Njengamanje nami ngiyingxenye ye-hip hop eNingizimu Afrika, ukuyigxeka kwami wukuzigxeka mina,” kuchaza uSpeedsta.

USpeedsta uthe i-albhamu yakhe izophuma ngoJanuwari 25, uzohambela ama-high school kusukela ngoFebruwari 1, okuyinto esivamile emacikweni e-hip hop njengendlela yokuzisondeza entsheni.

Uthe uzokwethula neDJ Speedsta Foundation afisa ukubuyisela ngayo emphakathini.