Ezokungcebeleka

'Abantu baseNingizimu Afrika ababuqondi ubuciko' - Duma

Mcebo Mpungose|Published

MQOBI DUMA MQOBI DUMA

UZIDONSELE amanzi ngomsele umlingisi osengumculi, uMnqobi Duma, ezinkundleni zokuxhumana ethi ukwenza umculo kumuvule amehlo wabona ukuthi abantu bakuleli ababuqondi ubuciko.

Lo mculi owayelingisa indawo kaBafana kwiGenerations: The Legacy, ubhale ekhasini lakhe kutwitter ukuthi ushiye kulo mdlalo ukuze agxile kumculo kanti usematheni kulezi zinsuku ngenxa yeculo lakhe lokuqala elithu Umsindo.

Leli culo lisematheni ezinkundleni njengoba abantu abaningi behlukene phakathi ngalo abanye belivuma bethi limnandi abanye bathi abawuqondisisi kahle umculo wakhe.

I left GenerationsTheLegacy because I felt like I need to take my musical journey to another level.

— Duma Mnqobi (@Dumamnqobi_) November 8, 2018

Now I understand, South Africa doesn't understand art.

— Duma Mnqobi (@Dumamnqobi_) November 8, 2018

Abantu babanga umsindo.

— Duma Mnqobi (@Dumamnqobi_) November 8, 2018

Enye into agxekwe ngayo uDuma yi-music video yeculo lakhe, abalithandile bathe ayihambisani nalo.I see and hear nothing wrong with the song. I downloaded it and I been listening to it ever since. Make another music video that relates better with the song. But all in all its a great song https://t.co/b8JOqTCLf7

— ♕Prince G_SAG BOYZ™ (@itsPrince_Gee) November 8, 2018

Lo mculi ukhombise ukungakugqizi qakala ukuphawula kwabantu njengoba ethe umatasa upheka kabusha iculo alibhala ngonyaka ka-2016.

Well I started my music career before I joined Generations today I was recording this track which I wrote 2016, Hope you will love it. pic.twitter.com/aemLp7VTtM

— Duma Mnqobi (@Dumamnqobi_) November 8, 2018

Buka imusic video yoMsindo esibukwe ngaphezulu kuka 240 000 kuYouTube: