UBRENDA MHLONGO obelingisa indawo kaNandi kwiGenerations: The Legacy engavuselelwanga inkontileka yakhe Isithombe: SITHUNYELWE UBRENDA MHLONGO obelingisa indawo kaNandi kwiGenerations: The Legacy engavuselelwanga inkontileka yakhe Isithombe: SITHUNYELWE
NGEMUVA kweminyaka emibili eyibambe kwiGenerations: The Legacy, uBrenda Mhlongo, obedlala indawo kaNandi, akasezobonakala kuyona.
UBrenda ugcine ukuqopha kwiGenerations ngoSepthemba kodwa usazoqhubeka nokubonakala kuze kube nguNovemba kulo nyaka.
Ebuzwa ngalokhu uBrenda ukuqinisekisile.
Uthe indlela azophuma ngayo uzothandana nomlisa obizwa ngoMandla, bagcine ngokuhamba sebeyozinza eKapa, yilapho-ke ezogcina ukubonakala kwiGenerations.
“Inkontileka yami ayivuselelwanga. Akukho nami ebenginga-kwenza uma abaphathi sebebona ukuthi bayayinqamula indawo yami.
"Bengisathanda impela ukuqhubeka nokuba kwiGenerations kodwa bekungekho engingakwenza uma ingavuselelwa inkontileka yami. Kule minyaka emibili ngikwiGenerations ngijabule, ngaphinda ngafunda nokuningi, ikakhulukazi ukusebenzisana nabantu bezinhlanga ezahlukene ngifunde namasiko abo,” kusho uBrenda obuye acule ezibiza ngoBrinzo.
Ebuzwa ukuthi ubani azomkhumbula abesebenzisana kahle naye, uthe uJack Mabaso (Vusi Kunene) obengumyeni ngokomdlalo.
Uphinde waveza ukuthi indawo abeyidlala kaNandi ithinte abantu abaningi abanezimo ezifanayo.
“Bengike ngishayelwe ucingo abesifazane abasesimweni esifanayo nesikaNandi, bathi ngibanika ithemba ngendlela engibekezela ngayo. Kushukuthi nababhali beGenerations babhala ngezinto ezenzakalayo emphakathini.”
Maqondana nokuthi kukhona yini lapho engabonakala elingisa khona, uthe okwamanje abekho abasamthintile kanti naye ubengakaqali ukuthungatha.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeGenerations ngokungavuselelwa kwenkontileka kaBrenda, ibhekane nengqinamba ngenxa yokuthi oyikhulumelayo ubengatholakali.