Ezokungcebeleka

EZOTHANDO: Sineminyaka ewu-10 sithandana, yini engakangishadi namanje?

MO NO-PHINDI|Published

Umbuzo: Sineminyaka emithathu sishadile nomyeni wami. Bekungelula yonke le minyaka. Njalo uma sixabana uvele agoduke aye kubo. Uvala kwaba yingamhla elandwa wumfowabo nezikhwama zakhe ngoba singaboni ngasolinye.

Okunye futhi wukuthi akahambi nhlobo nami ukuya emicimbini yezihlobo noma sishaywe wumoya. Uhleze ehamba nonina ezindaweni.

Ubonakala nami ekamelweni kuphela. Ngiyamthanda umyeni wami futhi ngizimisele ukuwulwela umshado wami.

Sijabulile, Phoenix

Impendulo:

Okokuqala umyeni wakho udinga ukukhula. Useshadile manje akayona ingane edinga unina ngaso sonke isikhathi. Nomama ohlakaniphile ngeke abuke umshado wendodana yakhe uphela phambi kwakhe angenzi lutho ukuwusindisa.

Asikho ngempela isidingo sokuthi ajabuliswe wukuthi wena usele ekhaya yena ahambe nomyeni wakho.

Kungumsebenzi wakhe njengomama ukunihlanganisa futhi anisize ukwakha umuzi wenu. Kungaba kuhle ukuthola ithuba lokukhuluma nomama ninodwa umchazele ngesimo enibhekene naso.

Zikhona izinsuku lapho umama nendodana bengahamba noma bachithe isikhathi bodwa kodwa hhayi sonke isikhathi ngoba lokho kuzokwenza ningakhuli emshadweni wenu.

Kubalulekile ukuthi unina angakuboni njengembangi kodwa njengomuntu othanda indodana yakhe nozimisele ngayo. Uma kungasizi ukukhuluma nomyeni wakho nonina, usungahlanganisa imindeni yenu kuphunywe nesisombululo.

Umbuzo:

Ngenze iphutha elikhulu ngabopha isoka lami ngokungishaya ngikhulelwe. Umama wazama ukungivimba ukuthi ngingalivuli icala kodwa angizange ngimlalele ngoba ngangidiniwe. Ngicabanga ukuthi nokukhulelwa kube neqhaza kulesi senzo sami.

Sengiyazisola manje ngoba ingane yami ingase ikhule ingenayise ngenxa yami. Isoka lami lidinwe kakhulu selize lathandana nomunye wesifazane. Ngizokwenzenjani uma engasafuni lutho oluzomhlanganisa nengane yami uma isizelwe?

Thato, PMB

Impendulo:

Okokuqala nje unelungelo lokubopha umuntu okubeka isandla ikakhulukazi ukhulelwe. Ukubeka omunye isandla akusona isisombululo sezinkinga. Kukhombisa ubungane nokungaqaqeki ekhanda. Wayezothini ukuba washona umntwana ngesikhathi ekushaya?

Musa ukuzisola ngento engekho. Akuqali futhi akusoze kwagcina ngawe ukukhulisa ingane ngaphandle kukayise. Uma ekhombisa ubulwane akahambele kude nawe nengane. Akekho umuntu ongafuni ingane yakhe ikhuliswe unina noyise kodwa noma kunjalo kumele umntwana akhulele endaweni efudumele.

Isoka lakho lingadinwa lifike la lithanda khona kodwa ayikho into elungiswa wukushaya umuntu. Uma ekushiya eya komunye umuntu wesifazane kuchaza ukuthi vele ubengesiye owakho futhi lokho kuchaza ukuthi uzokushiya njalo uma ningaboni ngasolinye.

Umbuzo:

Sineminyaka ewu-10 sithandana nesoka lami. Kona besike sithathe ikhefu phakathi nendawo siphinde sibuyelane.

Inkinga yami wukuthi miningi bo iminyaka sithandana. Yini engakangishadi namanje? Uke akhulume ngokushada abuye azithulele. Angisazi ukuthi ngizothini ukuze angishade.

Thandaza, Berea

Impendulo:

Ngeshwa ngeke wenze umuntu ukuthi akushade engathandi lokho kumele kuphume kuyena ngaphakathi. Ngabe uke wambuza ukuze uthola izimpendulo zakhe? Kungenzeka ukuthi akanawo amandla okushada.

Ushilo nawe ukuthi uthando lwenu kule minyaka ewu-10 belubuye luwe okuchaza ukuthi bekunezimo ebenidlula kuzona. Zibheke lezo zimo ukuthi akuzona yini ezenza abe novalo umuntu wakho uma ecabanga ngokushada. Zinuke amakhwapha nawe ubheke ukuthi ngabe uyinhlobo yokushadwa yini. Unalo nelungelo lokugqabula igoda uma uthola ukuthi ubambezelekile uziqhubekele nempilo yakho. Impilo yomuntu imfishane kakhulu.

Umbuzo:

Bese sineminyaka emithathu sithandana nesoka lami. Kunzima ngempela kimina ukuqhubeka nempilo emva kokuhlukana nalo yize seliqhubekile nempilo yalo. Ngenzenjani ukuze ngidlule kulona? Ngiyehluleka ukuqhubeka nempilo njengaye.

Tholakele, Esikhaleni

Impendulo:

Akukaze kube lula ukuhlukana nomuntu omthandayo. Kodwa sikholwa wukuthi izizathu ezidale ukuthi nihlukane zibaluleke kakhulu.

Kusobala ukuthi isoka lakho libone kungcono ukuthi liqhubeke nempilo yalo ngoba libona ukuthi akukho enisengakwenza ukulungisa isimo.

Xolisa inhliziyo yakho, ulikhiphe emqondweni, nawe uziqhubekele nempilo.