Ezokungcebeleka

Bagadlana ngengoma ababanga izintombi

Thokozani Ndlovu|Published

NJOKO MBAMBO NJOKO MBAMBO

ABASABHEKANI abaculi bakamaskandi abebengamathe nolimu, uMdumazi Mhlongo noNjoko Mbambo okuthiwa baqhathwe wukuthathelana izintombi.

ISolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo osondelene nalaba baculi, ukuthi uNjoko usethathele uMdumazi izintombi kwaze kwaba kwabili.

Lokhu kuthiwa kumcasule kakhulu uMdumazi, wagcina eseshiye ngisho ne-studio abeqopha ndawonye kusona noNjoko wayoqopha kwesinye.

“Kumanje sebegadlana ngisho nasezingomeni ngenxa yokungezwani. Kunengoma kaMdumazi enezinhlamvu ezithi Angisenantanga kulo shuni weBhova.

Kuyona uhlabekisa uNjoko ngoba naye ucula ushuni weBhova. NoNjoko kukhona eyakhe ingoma entsha ezophuma ethi iDivorce, ayibhekise kuMdumazi. Ukhipha ingonyuluka ngentombi eyabaqhatha,” kusho umthombo.

MDUMAZI MHLONGO

Ethintwa uMdumazi uvumile ukuthi abasazwani noNjoko kodwa ababangi izintombi.

“Into esiyibangayo noNjoko ukuthi unomona. Ngamfica enkampanini i-Electric Avenue evele esengumculi kodwa ngaduma kuqala kunaye. Sigcine singasazwani naye kodwa kungacaci ukuthi sibangani. UNjoko uthe babanga izintombi noMdumazi kodwa wayengazi ukuthi lezi zintombi azithathayo ezikaMdumazi.