Ezokungcebeleka

Kuyingozi ukubekezela uthando lube seluse-ICU

Distance Gumede|Published

ASIKHO isidingo sokubekezelela umbhedo ngoba nakhu seniqhube isikhathi eside nesithandwa sakho, kuloba uDISTANCE GUMEDE.

Ngikhuluma nje kunabantu abahlukumezekayo ebudlelwaneni abakubona uthole ukuthi mhlawumbe bahlukumezeka ngokomoya, mhlawumbe omunye wabo uyazijolela kodwa umuntu wakhona akuvumi ukuthi acishe imishini ngenxa yokuthi ulokhu ethi basuka kude.

Yehheni bo, saze savelelwa ileli temu lokuthi nisuka kude.

Manje awusho ke sisi/bhuti wami ngoba nakhu wena nomuntu wakho nisuka kude, mhlawumbe senidlule kokuningi ndawonye, lokho sekusho ukuthi bekezela noma usubona ukuthi uthando lwenu luse-ICU?

Uthole ukuthi umuntu usitshela ngokuthi basuka kude nje mhlawumbe baneminyaka emithathu bethandana.

Kanti yini ukusuka kude ngempela ngempela?

Uyazi kwesinye isikhathi kubalulekile ukufunda ukwamukela isimo sinjengoba sinjalo ngoba manje le ndaba yokulokhu usitshela ukuthi nisuka kude ikhombisa ukuthi kwawena ungathi awuzimisele nokuthi impilo yakho iqhubeke.

Mhlawumbe nje kwakudalwe ukuthi nithandane leyo minyaka emibili emithathu bese niyahlukana.

Manje-ke wena usuyolokhu ubambelele ngisho inkontileka yakho isiphelile, kuhlule ngisho abangani bakho bethi bayakubonisa kodwa ulokhu ugwevile uthi “hhayi ma-e sisuka kude kabi nalo muntu”.

Kulungile ke nisuka kude impela siyavuma kodwa phela senifikile la obekumele nigcine khona.

Mina ngokwami ukubona noma ngabe nisuka kude kanjani kodwa asikho isidingo sokulokhu nimoshelana isikhathi.

Phela le nto yothando ayihambi ngokuthi nisuka kuphi kodwa ihamba ngokuthi inhliziyo isavuma yini. Uthole ukuthi nisitshela ngokusuka kude kwenu nje anikhiphelene ngisho imbuzi yomgezo yodwa le.

Akulethiwe ngisho abakhongi bodwa laba into engabizi ngisho uR10 000 kanti nisuka kude nje niyaphi njengoba nisahlulwa yimali yokuyothi eee baba?

Ungathi kuhlukana abantu abaneminyaka engaphezu kwamashumi amabili beshadile kodwa bahlukane uma kungasavumi noma uma sebebona ukuthi akusahambi kahle.

Ubukade uyini ke wena ungaze uhlalele ukuthi nisuka kude ekubeni uzaliswe izingane ezintathu futhi nazo azihlawuliwe ngisho ukuhlawulwa.

Ngiyacela bandla kusukela namhlanje abantu abayeke ukusicefezela ngokuthi basuka kude sengathi thina asikaze sisuke lapho. Nathi nisibona nje sake sasuka kude kwasho ukuthi savele sasheshe sakhathala endleleni ngoba kwakungasafikwa la okwakuyiwa khona.

Kusukela namhlanje kumele nikuqonde ukuthi akusho lutho ukuthi nisuka kude kodwa okubalulekile ukunikezana uthando olufanele. Kunabantu abathandana unyaka owodwa balobolane bashade futhi nanamhlanje basahleli kahle.

Abalokhu besitshela ngokuthi basuka kude ngoba bayayazi into yabo, siyekeni bandla. Hlala kumuntu ngoba usamthanda hhayi ngoba kuwukuthi nisuka kude.

Uma ubona ukuthi sengathi ayisenzeki le nto okuyiyona enisusa kude ungalokhu uthemeleza sisi/bhuti wami kodwa vele ucishe imishini.

*UDistance Gumede uqeqeshelwe ubuhlengikazi.

Unogqozi kwezithinta ezokweqa iziko nezothando.

Ungamthola ekhasini likaFacebook: Elawini LikaMaGumede.

Ungalalela nebinza lakhe kwiGagasi FM ohlelweni lukaMzokoloko i-I Love Mornings ngo-8.15 ngoLwesibili.