Ezokungcebeleka

Izinsolo zokuvuswa kwenye iBig NUZ entsha

Sbu Masango|Published

KUBIKWA ukuthi uDJ Tira, Danger noL’vovo Derrango bavusa iBig NUZ kanti noMampintsha (osekuqaleni kwesokunxele) wake wabika ukuthi uzoyivusa Isithombe: SIGCINIWE KUBIKWA ukuthi uDJ Tira, Danger noL’vovo Derrango bavusa iBig NUZ kanti noMampintsha (osekuqaleni kwesokunxele) wake wabika ukuthi uzoyivusa Isithombe: SIGCINIWE

KUBIKWA ukuthi izingqungqulu zaseThekwini zomculo wekwaito zivusa iBig NUZ. Ngokomthombo osondelene noMzi ‘Danger’ Mkhwanazi weBig NUZ, L’vovo Derrango noDJ Tira bamatasatasa estudiyo baqopha izingoma ezizosanganisa abathandi bomculo wekwaito.

“Ngisola ukuthi bavusa iBig NUZ ngesitayela ngoba bashaya ngesigqi sayo. Kushoda uMampintsha. Sengike ngayizwa enye ingoma abayiphekayo ethi Gevaar...Bayachoma ngempela kuyo. Ngikhuluma nje balungiselela ukuyocula eYadini ngoMashi 25,” kusho umthombo.

Ethintwa uDanger uthe akasoze avusa iBig NUZ ngaphandle kukaMampintsha kodwa bangahlala phansi naye babonisane ngokuthi i-albhamu izophuma ngaphansi kwenkampani kabani njengoba bobabili benezinkampani okuyiWest Ink ne-108 Entertainment.

“Mina njengamanje ngimatasatasa ngikhulisa inkampani yami i-108 Entertainment.”

Ebuzwa uDanger ukuthi inkampani yakhe izobe igabe ngabaphi abaculi uthe ufihle induku emqubeni. “Bakhona abaculi engizobethula ngokusemthethweni emphakathini uma sekufike isikhathi.”

Ebuzwa uTira ngeqembu uphike walala ngomhlane. “Ayikho nje leyo nto. Thina sisalekelela uDanger njengoba kukhona akuqalayo futhi kunabaculi abaningi azobapika.” UL’vovo uvele wahleka kakhulu.

“Yebo siyasebenza noDanger njengoba sizwana. Siyasizana emsebenzini wakhe. Nami ngiphezu kweyami iCD ezophuma ekupheleni konyaka ngakho akukho qembu engingena kulo,” kusho uL’vovo.

Kubuyelwa emthombeni uthe baphika ubala nje ngoba yinto ekhona lena. “ Bayazi nabo ukuthi ayisekho indaba yeBig NUZ njengoba noMampintsha esebonakale kaningi ecula yedwa. Nase-Afro bafuna ukuqhamuka neqembu elizogqama ngenxa yokuthi akekho njengamanje umculi oshisa izikhotha. UTipcee akakangeni kahle kubantu futhi akakaqashwa kakhulu eyedwa. Banethemba lokuthi leli qembu lizofaka imali enkampanini,” kuphetha umthombo.

UL’vovo noTira bebevamise ukubamba iqhaza kwiBig NUZ. UTira ubevala isikhala sikamufi uR Mashesha esagula kuthi uL’vovo avale esikaMampintsha uma kuyoculwa phesheya ngenxa yokuthi ubesaba ukugibela ibhanoyi.

Kwenzeka lokhu nje uMampintsha noTira basanda kugxekana esidlangalaleni kubangwa yona iBig NUZ.

Selokhu kwadlula uR Mashesha emhlabeni izinto aziphindanga zafana.