UMNUZ Musa Mseleku namakhosikaze akhe. Isithombe : FACEBOOK/MUSA MSELEKU UMNUZ Musa Mseleku namakhosikaze akhe. Isithombe : FACEBOOK/MUSA MSELEKU
KUBUKEKA sengathi useyifake nasemndenini wakubo eyesithembu, uMnuz Musa Mseleku wodumo lohlelo Uthando Nesithembu olubonakala kuMzansi Magic.
Udadewabo omncane kaMseleku, uNksz Nompumelelo Mseleku, oke abonakala kulelo hlelo, uyoganela esithenjini.
Kuvela ukuthi uthathwa yisiqumama saseMaqongqo, uMnuz Khanyisani Phungula, ongusomabhizinisi wemfuyo.
Umthombo othembekile nosondelene nomndeni wakaMseleku, uveze ukuthi ukubona indlela uMseleku aphethe ngayo amakhosikazi akhe yikho okwenze kwaba lula ukuthi udadewabo angabi manqika ukuyoganela esithenjini.
UMseleku ethintwa ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi udadewabo uyogana kodwa wangathanda ukwenaba ngohlobo lomendo wakhe.
“Bakhona abantu bakaPhungula abafikile ekhaya kodwa angizange ngitshelwe lutho mayelana nesithembu. Kodwa ngeke ngakhuluma kakhulu izindaba zabantu ngicela noNompumelelo ningamfaki ephepheni usemncane umtaka mama,” kusho uMseleku ehleka.
UDADEWABO kaMnuz Musa Mseleku, uNksz Nompumelelo Mseleku okuthiwa uhamba ezinyathelweni zikamfowabo njengoba kunamahlebezi okuthi uganela esithenjini Isithombe: FACEBOOK/ NOMPUMELELO MSELEKU
Yize engathandi ukungena agamanxe kule ndaba uMseleku kodwa uthe ngeke kube yinkinga kudadewabo ukuba sesithenjini ngoba usazi kahle.
“Ngihlale ngisho ukuthi anginayo inkinga nesithembu kodwa sekungaba ukuthi uhlobo lwendoda enjani aganela kuyo. Kungenzeka ukuthi isithembu ekuqaleni wayengasithandi kodwa ngokubona indlela esiphila ngayo ekhaya wafunda okuningi ngaso,” kusho uMseleku.
Omunye umthombo othembekile uveze ukuthi udadewabo kaMseleku useqalile ukuba undaba mlonyeni lapho ezoganela khona futhi akaconsi phansi nakuPhungula.
Kuthiwa abasemzini wakhe sebemjahile njengoba etuswa nangokukhuthala nokwenza amakhekhe aconsisa amathe.
Ngaphandle kwezasesithenjini, uMseleku nomndeni wakhe izolo bethule ilebuli yezimpahla zabo iThanxma ehambisana nohlelo lwabo lwesithembu kuthelevishini.
Le lebuli izoqala ukudayisa online ngaphambi kokuthi kuqokwe indawo ezoba nesitolo lapho abantu bezothenga khona.
IThanxma izogaba kakhulu ngezikibha, kanjalo namakepisi, uMseleku uthe zonke lezi zimpahla zizobiza imali encane ukuze zithengwe yibona bonke abalandeli bakhe.