UBOYIGADA indoda ethi ingakawabeki ngisho amagama amabili noma amathathu kuwe kodwa ibe ikubuka esingezansi kanje ngoba izikhathi eziningi isuke ikushela ngoba ikuhalela hhayi ngoba ikuthanda UBOYIGADA indoda ethi ingakawabeki ngisho amagama amabili noma amathathu kuwe kodwa ibe ikubuka esingezansi kanje ngoba izikhathi eziningi isuke ikushela ngoba ikuhalela hhayi ngoba ikuthanda
Uthando aluve luyinkinga ngoba luyaluthana futhi lukwenza ungaboni noma sekudlalwa ngawe.
Kunabantu abacabanga ukuthi basothandweni kanti bayasetshenziswa nje kuphela. Kunabantu abashelwayo baze baqome bezitshela ukuthi bayathandwa kanti cha umjita uzifunela ukukulala nje maqede kuphele kanjalo ngawe, akhohlwe nawukuthi konje kukhona umuntu okuthiwa uwena, ngisho uthi umshayela ucingo akuzibe sengathi akakwazi.
Yebo, kubuhlungu ukusetshenziswa ocansini maqede ushiwe kanjalo ngoba kukwenza uzibone ungelutho futhi kuqeda nokuzithemba.
Namhlanje ngifuna ukuxwayisa abantu besifazane ngalolu hlobo lwamadoda azifunela ucansi nje kuphela nokuthi uyibona kanjani indoda enenhloso yokudovadova umzimba wakho maqede ikushiye kanjalo.
Kuyiqiniso ukuthi akulula neze ukubona uhlobo lwale ndoda yingakho kumele ube ngowesifazane ohlakaniphile ukuze ukwazi ukuhlukanisa umuntu okuthandayo nomuntu ozokulala nje kuphela.
Namhlanje ngizonika abesifazane amasu okuthi yiziphi izimpawu okumele baziqaphele endodeni ezodlala ngemizwa yabo.
1. Indoda efuna ukukulala ikushiye uyizwa iqala nje ukuvula umlomo ukuthi ayinanhloso yothando. Ibelesela indaba yokuvakashelwa hhayi ukuthi ikukhiphe.
2. Uma uyinike inombolo yakho ayifoni kodwa ithumela imiyalezo kuWhatsApp.
3. Uma kwenzekile yafona ifona ebusuku kuphela nakhona ikubuza imibuzo engasile njengokuthi ugqokeni, ulele nobani?
4. Ayinqeni ukukucela izithombe zakho unqunu ngisho ningakavumelani ngokuthandana.
5. Uma sekwenzekile wayiqoma ngoba uzitshela ukuthi iyakuthanda, ayikho enye into esile eyixoxa nawe ngaphandle kokuthi uyivakashele.
6. Uma usuyivakashelile ayibi naso isikhathi sakho, ihlezi ithi imatasa ngisho uyifonela ithi izobuyela kuwe.
7. Uma kade uyivakashele anixoxi ngezinto eziya phambili kodwa nje kuba yindaba yomkhuba phambili.
8. Ayikubuzi nokuthi uhambe kanjani kodwa ize iphinde ikhulume nawe ngoba isifuna uyivakashele futhi.
9. Uma kumakhaza noma lina ubona ngayo ikubingelela, isho nokuthi ayisakwazi ucashephi?
10. Emuva kokuthi isikulalile ayinqeni ukuthi icela uhambe ngoba unina wengane yayo usethe uyeza.
Uma ungumuntu wesifazane qaphela indoda ezokuqambela amanga eqonde ukuzophula umoya wakho.