Ezokungcebeleka

‘Inhloso yami ngokuhlala eKZN wukufunda isiZulu’

Nokubongwa Phenyane|Published

ULUTHULI Dlamini olingisa indawo kaBheki Zulu emdlalweni Uzalo useveze ukuthi kwakuyiphupho lakhe ukulingisa emdlalweni okhuluma ulimi isiZulu ngoba vele ufuna ukulufunda alwazi kahle ULUTHULI Dlamini olingisa indawo kaBheki Zulu emdlalweni Uzalo useveze ukuthi kwakuyiphupho lakhe ukulingisa emdlalweni okhuluma ulimi isiZulu ngoba vele ufuna ukulufunda alwazi kahle

UMLINGISI woZalo, uLuthuli Dlamini, ozalelwe eZimbabwe wakhulela e-England, uthi akazisoli ngokushiya ekulingiseni emidlalweni eqoshwa eGoli azohlala KwaZulu-Natal ngoba inhloso yakhe wukufunda ulimi isiZulu.

UDlamini, umlingiswa wakhe okunguBheki Zulu, uselingise emidlalweni eminingi okukhona kuyo iGenerations neScandal.

Indawo ayilingisayo ibe nesasasa kubantu abaningi ngenxa yokuthi ubekade ethandana noManzuza ozoshiya umdlalo ngenyanga ezayo.

Bebethandana isidana sebehluleka nawukuzibamba nokugcine ngokuthi babanjwe unkosikazi kaBheki, uMaDlamini (Zinzi Zungu).

Enkulumeni ekhethekile neSolezwe, uLuthuli uthe kumjabulisile ukuzozinza eKZN ngesikhathi eqopha umdlalo.

“Ngingasho ngingananazi ukuthi abantu basazobona okuningi okuzokwenzeka ngoba angikazokuhamba, indawo yami isaqhubeka. Into eyangenza ngakhetha ukuzolingisa kuwona yindlela obhalwe ngayo ngawuthanda kakhulu,” kusho uLuthuli.

Uthe ngesikhathi etshelwa ngethuba lokulingisa akacabanganga kaningi.

“Ngajabulela ukuthi ngiya esifundazweni engisithandayo engichazwa ngisho nayisimo sezulu sakhona. Kodwa okwangithokozisa wukuthi ngizofunda kahle ulimi lwesiZulu ngoba ngifuna ukulwazi ngendlela futhi ngilukhulume kahle,” kusho uLuthuli.

Uthe muva nje uma ehlangana nabantu bayakhuluma naye bamtshele ngendlela abangayithandi ngayo indawo ayilingisayo.

“Bayangimemeza bangibuze ukuthi kungani ngidlale ngoMdletshe futhi ngiwuchitheleni umuzi wabantu akade behlezi kahle emshadweni wabo. Kodwa engikuthanda kakhulu wukuthi abantu sebefundile ngomkhakha wokulingisa abasaqhamuki balwe nawe bacabange ukuthi ungulo muntu abambona kuthelevishini.”

Uthe ziningi ezinye izinto azenzayo ezithinta umkhakha wokulingisa azozimemezela maduze.