INGWAZI yomculo, uRobbie Malinga, eshone isekhaya ngoKhisimusi ngemuva kokugula isikhathi eside INGWAZI yomculo, uRobbie Malinga, eshone isekhaya ngoKhisimusi ngemuva kokugula isikhathi eside
ZIZOMENYEZELWA namhlanje izinhlelo zomngcwabo wesihlabani somdidiyeli womculo, uRobbie Malinga, esishone ngoKhisimusi ntambama, emzini waso oseFourways, eGoli.
Usuku lukaKhisimusi luphele sekumuncu ngoMsombuluko ngemuva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaRobbie (49). Ushiye inkosikazi yakhe * -Ann, abegubha nayo iminyaka engu-16 beshadile ngenyanga edlule nezingane ezimbili, oRobbie Jnr (16) noZanokuhle (2).
Imemenja kaRobbie, uSipho Dube, ephinde ibhekelele ezokuxhumana esitebeleni somculo iRobbie Malinga Entertainment ithe uRobbie ushonle kwakhe ngabo-4 ntambama.
“Ukushona kwakhe kusethusile ngoba ubesengcono futhi ezimisele ukuyonandisa kwiDurban Jazz Festival namhlanje (izolo). Ubehlushwa yi-anemia (okuyisifo sokushodelwa yi-iron),” kusho uSipho.
Ubonge abalandeli bakaRobbie ngokumeseka ngesikhathi egula nangokuthenga umculo wakhe.
“Sicela abantu baqhubeke nokweseka umndeni kaRobbie. Akuphelile ngamagalelo kaRobbie ngoba ubenenkampani yomculo okuqopha kuyo uMusa wenoni elithi Mthande. Sisazoqhubeka nokubaphekela umculo omnandi njengoba uRobbie esifundisile. Izinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nezomngcwabo sizozimemezela kusasa (namhlanje) esithangamini sabezindaba esizoba ngo-2.30 ntambama,” kusho uSipho.
Uthe izolo bazohlangana nomndeni ukuhlela konke bese bekhuluma nezintatheli namhlanje.
Ngo-Agasti, uRobbie ekhuluma naleli phephandaba wathi: “Igazi lami belingaphampeki kahle emzimbeni. Yingakho abantu bengibone ngehla emzimbeni. Ngisebenze kanzima ngonyaka odlule kodwa manje yonke into ihamba kahle.”
Izolo, bekumele anandise kwiDurban Jazz Festival ebiseHazelmere Dam.
Ucingo lomhleli weDurban Jazz uMdu Ngcobo belukhala lungabanjwa kodwa ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram ukuthi sengathi angalala ngokuthula.
“Ngizozigcina zonke izinto ongifundise zona futhi namahlaya akho ngizohlale ngiwakhumbula njalo. Ubuchule bakho bokwenza ingoma eshisa izikhotha ngeke bukhohlakale,” kubhala uNgcobo.
Ngaphambi kokuthi ashone kuke kwavela izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa ukuthi wehlile emzimbeni. Abantu baziphendula ihlaya futhi abanye bathi useshonile engakashoni.
“Kukhona osenqume ukungibulala. Kubo bonke abalandeli bami nengibathandayo, ngiyaphila. Ngiyabonga ngokungifonela nemiyalezo,” kubhala uRobbie ekhasini lakhe kwiTwitter ngoNovemba 19.
Bheka nasekhasini 10 no-12.