Ezokungcebeleka

UThinah Zungu ukhala ngabamsongelayo

BONGIWE ZUMA|Published

UTHINAH Zungu othukwa abantu angabazi Isithombe: SIGCINIWE UTHINAH Zungu othukwa abantu angabazi Isithombe: SIGCINIWE

UKHALA ngokusongelwa abantu angabazi umculi wokholo kulandela inkulumo mpikiswano yakuFacebook.

UThinah Zungu uthi ufonelwa abantu abangabazi, bamthumelele nemiqhafazo emthukayo.

Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili ebuze kuFacebook wakhe ukuthi akhulume noma athule yini.

EMINYE yemiqhafazo ethunyelelwe uThinah Zungu. 

Abantu babe sebesola ukuthi ufuna ukuphawula ngokungatholi kwakhe ndondo kumaSABC Gospel Crown Awards, bamsola ngomona.

“Angikaze ngikhononde ngalutho, ngithuke abantu sebekhuluma ngamaGospel Crown ngadideka.

“UFacebook ngiwusebenzisa njengabantu bonke ukuchitha nesizungu. Ngalo mbuzo bengingazi ukuthi ngizobe sengithukwa kangaka,” kusho uThinah eshaqekile.

Eqhuba uthe kuyamangaza ukuthi abantu bakwazi ukususa ingxabano ngento engelutho kangaka.

Ukuvezile nokuthi uzibona engaphephile ngoba nala maSMS awatholayo ayakhombisa ukuthi abantu abamaziyo laba abamsongelayo.

“Kuyacaca ukuthi abantu abazi konke ngami njengoba benenombolo yami. Ngiyabona angiphephile nomndeni wami uma kunje, ” kusho uThinah.

Lo mculi uthi ubeseyovula icala lokusatshiswa kodwa walinda amahora waze waphoqeka ukuthi aphindele ekhaya ngenxa yokugcwala.

Imenenja yakhe uThemba Teejay Mthembu, ithe kukhona isikhathi lapho ezame khona ukungenelela kuFacebook kodwa kwacaca ukuthi abantu bazica-bangela okwabo.

“KuFacebook umuntu ukhuluma nanoma ingani ayithandayo. UThinah ubuze umbuzo ozwakalayo ukuthi wenza indlela yokuzixoxela nabantu.

“Emva kwalokho sesiyathukwa. Kuyadumaza ukuthi abantu abazibiza ngamakholwa nabalandela abaculi bokholo, babuye baziphathe ngale ndlela.

‘Akukho angakhononda ngakho ngamaGospel Crown noma inkinga ekhona ngokwazi kwami,” kusho uThemba.