uNTANDO Duma noBabes Wodumo bangene esteji kwachwaza inkundla abantu besho ukujomba ucingo emcimbini we-Bring Summer Back obuwenziwe yi-Emza Entertainment obuse Blue Lagoon, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku uNTANDO Duma noBabes Wodumo bangene esteji kwachwaza inkundla abantu besho ukujomba ucingo emcimbini we-Bring Summer Back obuwenziwe yi-Emza Entertainment obuse Blue Lagoon, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku
KUHLANYE izihlwele zaze zalinga ukugxumela esteji uNtando Duma ekhumula ingubo abeyigqokile ngesikhathi enoBabes Wodumo kwiBring Summer Back eBlue Lagoon, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku. Abantu abebephume ngobuningi kulo mcimbi babukeke bechazeke kakhulu yisenzo sikaNtando kanti noBabes ubengazibekile phansi enza adume ngazo.
Kulo mcimbi kucacele noma ngubani ukuthi unyaka uphelile njengoba bekushoda ngisho indawo yokupaka ngenxa yobuningi babantu abebezozijabulisa kuwona. Ubumnandi buqale emini njengoba bekunandisa abaculi abehlukene kukhona nabasafufusa. URiky Rick ongomunye wabaculi abebebhekwe ngabomvu ukuthi uzonandisa kuwona ufikile kodwa wangacula. Akuzange kuchazwe ukuthi kungani engaculanga. Ufike washutha izithombe nabantu emini kwaphetha ngokuthi anyamalale.
IDistruction Boyz engenisile kulezi zinsuku ngegqom’ ifike yenza obekulindelwe kuyona njengoba abantu bebedansa baze bakhase phansi ngesikhathi inandisa.
U-DJ Le Soul naye ubedlala aze ashiye amapuleti ayodansa. Lesi yisitayela esibukeka singenisile koDJ abaningi nokuyindlela yokuxhumana nezihlwele.
UZille Zee obengomunye wabaphathi bohlelo naye ubedansa aze ashone phansi egqoke isikhindi esincane.
UL’vovo obengahambi nabadansi bakhe njengenjwayelo naye ufike washaya into ecokeme esteji. Abantu bebephume ngobuningi futhi kucaca ukuthi bajabule kakhulu. Noma ngabe ubunganakile ukuthi unyaka uphelile kodwa lo mcimbi ubungathi uyakukhumbuza ukuthi sekuyisiphi isikhathi sonyaka lesi.
Umcimbi ucalwe nguKim Wabantwana ofike washaya ingoma yakhe i-I Mav You kwase kuyahlukanwa.
Eyadini Lounge, eMlaza, nakhona beziphenduka njengoba bekunandisa abaculi abehlukene kwiMetro FM Heatwave.
Izinkumbi zabantu ebeziseYadini bezijabulela ngisho ingoma yomculo wokholo uma idlalwa oDJ. U-DJ Malwela weMetro FM ujuxuzise abantu babamanzi te ukujuluka. Uphose izintambo kuDJ Boonu ovale umcimbi ngo-3 ekuseni.
Okucacile ngale micimbi ukuthi kwenziwe isiqiniseko ukuthi akusi emnyango isaqhubeka.