UNontandakubukwa ozakhele udumo endaweni yobumnandi eThekwini uthi usekhatheli ukucindezelwa kwabantu besifazane ngenxa yendlela abagqoka ngayo UNontandakubukwa ozakhele udumo endaweni yobumnandi eThekwini uthi usekhatheli ukucindezelwa kwabantu besifazane ngenxa yendlela abagqoka ngayo
Ekhuluma ne TshisaLIVE uZodwa uthe ujabule ngendlela emangalisayo ngokusula kukaMugabe futhi usejahe ukuyonandisa khona.
"Ngijabule ngokusula kwakhe, sesiqalile senza amalungiselelo okuya eZimbabwe. Ngikhuluma nomhleli wemcimbi ukuze sithole izinsuku, kukhona okuzohlangana maduze
Ezakheni Park uZodwa Wabantu uyazibhengela🎶🎶🎶🎶💃💃💃💃💃Owabantu👑❤
A post shared by zodwalibram (@zodwalibram) on Nov 20, 2017 at 3:13am PST
Nonyaka uMugabe wagxeka oWabantu ngokunandisa engalifakile iphenti.
"Ngizoya maduze. Ngiyabathanda abalandeli bami futhi kumele bajabule ngendlela abayifunayo," kuqhuba yena.
Ngasekuqaleni kwale nyanga uZodwa Wabantu wakhwela wadilika kubantu abamgxekayo ngesikhathi amukela indondo yeDrama Queen of the Year kuma Feather Awards
"Anginankinga uma ngingakuchazi. Ngiyazi anginabo ubuso obuhle kunabo bonke. Kodwa niyabona ukuthi ikhekhe lihlala kuphi, ngimuhle kabi!"
Lo nontandakubukwa waqhubeka wadalula ukuthi njalo uma abantu bebona ubuso bakhe esikhangisweni somcimbi, kumele bazi uhlabane ngo R40 000.
"Nikwazi lokho!" kusho yena kulo mcimbi.