Ezokungcebeleka

Ivukana likhala ngoMdingi ngokulixhopha

Thokozani Ndlovu|Published

UMCULI we-Afro pop uFundile Mdingi osolwa ngokudla amandla omculi osafufusa ngokuthatha ingoma yakhe UMCULI we-Afro pop uFundile Mdingi osolwa ngokudla amandla omculi osafufusa ngokuthatha ingoma yakhe

LIKHALA liyazithulisa ivukana ngomculi we-Afro pop uFundile Mdingi elithi untshontshe ingoma yalo wayenza eyakhe ngoba limcele ukuthi abe nguphrojusa walo.

UThokozani Nxumalo odabuka kwesakaMthethwa eMpangeni KwaZulu-Natal uthe inkinga kwaba ukuxabana kwemenenja yakhe noFundile obenguphrojusa we-albhamu yakhe kanti bazothi uma behlukana ahambe nengoma yakhe. Uthe le ngoma ethi Ntabe Zikude ekwi-albhamu kaFundile, iBorrowed Gift, ngeyake futhi akakuvezile ukuthi eyakhe.

“Kule ngoma kucula mina kodwa uFundile uveza sengathi uyena ocula kuyona. Into ayenza ukungibhalela yona kuphela. Benginganakile ngoba bengingazi ukuthi wahamba nayo.

“Ngiqale ukuqaphela ngonyaka odlule ngoba sengitshelwa abanye abantu abangaziyo ukuthi bezwa ingoma yami idlala emsakazweni. Phambilini bathe bebeyizwa idlala emisakazweni yomphakathi. Iqale ukudlalwa kakhulu emisakazweni emikhulu ngesikhathi kuphasiswa ukuthi kudlalwe umculo wakuleli ube ngu-90% emisakazweni yakwaSABC,” kusho uThokozani othe okubuhlungu wukuthi uFundile ubhale ukuthi iculwa uyena le ngoma ekubeni lingekho izwi lakhe kuyona.

UThokozani uthe ingoma wayiqopha ngo-2007 okungunyaka abagcine ngawo ukusebenza noFundile. Ngo-2008 uthe uFundile ukhiphe i-albhamu yakhe enale ngoma aveza sengathi iculwa uyena (uFundile) kanti yena ungena kuyona ngokuyibhala kuphela. Uthe okumsuse phansi wukuthi ubonile ukuthi iningi imali eyenziwa yile ngoma njengoba idlalwa njalo emisakazweni ekubeni uFundile ukufihlile ukuthi iculwa uyena.

Eqhuba uthe useke wazama ukuxhumana nalo mculi kodwa useyambalekela manje ngoba esemtshelile ngokukhathazeka kwakhe ngale ngoma. Uthe lolu daba uselubike nakwaSouthern African Music Rights Organisation (Samro) bacela ukuthi alethe ikhophi ye-albhamu kaFundile ukuze bakwazi ukulandela lolu daba nokuthi babone ukuthi le ngoma isiyenze malini ngokudlalwa kwayo.

UFundile uvumile ukuthi impela usebenzile noThokozani kule ngoma. “Ngesikhathi ngiyifaka kwi-albhamu yami ngamazisa ngaphinde ngabhala ukuthi kuyona ukuthi uculile. Ngenxa yokuthi ikwi-albhamu yami yingakho kumenyezwa igama lami kuphela. Ngesikhathi ngihlanganisa i-albhamu yami ngabheka ukuthi izingoma ezimnandi ngayisebenzisa angiyintshontshanga. Ngangingafuni ukuthi igcine ingasebenzile ngenxa yokuthi kwase kumoshwe nemali eningi yenziwa futhi imnandi."