Ezokungcebeleka

Imishado yabo bayibeke phambili

BONGIWE ZUMA|Published

SEKUYINTO efana nehlaya ukuthi kuthiwe imishado yosaziwayo ifana nomlilo wamaphepha. Uzwa kuthiwa uthando luvutha amalangabi namhlanje, kusasa kuqhume idivosi.

Ongoti kwezobudlelwane baze bathi lokhu kwenziwa wukuthi abanye abantu bacabanga ukuthi umshado yinto yokudlala. Empeleni uma ufuna umshado wakho uphumelele, kumele usebenze kanzima futhi kube nezinto ozozidela empilweni.

Umculi wokholo uKholeka Sosibo oseshade nomyeni wakhe iminyaka ewu-19 ukwazi kahle lokhu.

Lo mculi uthi usebenze kanzima ukugcina umshado wakhe.

“Umyeni wami waphelelwa wumsebenzi, sadonsa kanzima. Kwakumele ngikhethe ukuthi ngikhetha udumo noma ngikhetha ukwakha umshado wami,” kusho uKholeka.

Uthi kwakunzima ngendlela yokuthi ewusaziwayo kwakumele agibele itekisi uma eyosebenza ngoba kubheda ezimalini. Kwakumele enze yonke into ekhaya, kodwa futhi engafuni nokuthi abantu bazi ukuthi umyeni wakhe akasebenzi.

“Ukuthenga kwami imoto kwakuzosho ukuthi kumele kube khona izinto engingazifezi ekhaya. Kwakumele ngimenze agqoke kahle umyeni wami ukuze abantu bangaboni ukuthi akasebenzi."

Umyeni kaKholeka, uMbongeni Sosibo namhlanje unguthishomkhulu wesinye sezikole zaseMzimkhulu, wayengasebenzi iminyaka ewu-6.

Le ntokazi ikholwa wukuthi uma ngempela umthanda umyeni wakho, kumele umfukamele.

“Akekho umuntu owayazi ukuthi umyeni akasebenzi futhi yimina owenza yonke into ekhaya,” kusho uKholeka. Weluleka abashadile ngokuthi uthando balubeke eqhulwini, bakhumbule izifungo zabo uma kuqhamuka izinkinga ikakhululazi ezifana nezezimali.

Nesilomo esiwuDJ odume umhlaba wonke uMthokozisi Khathi odume ngelika DJ Tira oshadelwe nguGugu Khathi ngo-2010 sifakaza kanjalo.

UTira uthi ayikho into ayibeke eqhulwini ukwedlula umshado wakhe.

“Ezinye izinto zidinga ukuthi umuntu akhule ngokomqondo. Kumele kusuke kumuntu ikakhulu thina esikulo mkhakha onezilingo eziningi ukwenza noma kanjani.

“Kumele noma ungashadile ube nomuntu wakho oqondile ungabi wumuntu wabo bonke abantu. Ngenza noma yini ukugcina umndeni wami ujabule. Umshado wami uhamba phambili noma ngenza izinqumo angifuni kube khona okuzoshayisana nezidingo zomndeni wami,” kusho uDJ Tira.

Uthi ngenxa yalokhu, uhlale ehla enyuka iGoli neKwaZulu-Natal ukuze kungabi khona sikhathi lapho unkosikazi wakhe ezozizwa khona enesizungu.

“Ngibaleka ngishiye isithunzi ezintweni ezingagcina zidicilela igama lami phansi kunkosikazi wami.

“Ngokomsebenzi ngihlale ngingungwe yizilingo kodwa nganquma ukuthi umshado wami ngizowuhlonipha ngayo yonke indlela,” kugcizelela uTira.