INTOKAZI esihlale isezindabeni ngokuzishintsha ibala lesikhumba, eyaba sematheni nangokushada nenjinga, isinqume ukulifulathela iGoli iyoqala kabusha impilo ikotize KwaZulu-Natal.
UNomasonto “Mshoza” Masangwanyi uthi yena nesoka lakhe elingusomabhizinisi waseBergville KwaZulu-Natal, bavumelene ngokuthi kusukela ngesonto elizayo, usezohlala kulesi sifundazwe.
Akazohlala nje efulethini noma edolobheni kodwa uyokotiza emzini osemakhaya esigodini eMakhosini, eBergville.
Nomyeni wakhe uMnuz Thuthu Mvula ukuqinisekisile lokhu.
Utshele leli phephandaba ukuthi uMshoza uza emakhaya. “Uzotheza, asinde, uzohlala ekhaya nje,” kusho uMvula weMagagula Consulting Engineers. UMshoza sekunesikhathi esezindabeni nothando lwakhe olusha nalo somabhizinisi .
“Nginesikhathi ngivakasha eBergville. Noma izinto singeke sizithathele phezulu kodwa ngijabule futhi ngiyathandwa. Ngiyazi kusemhlabeni kungenzeka noma yini kodwa ngoba sengikhulile ngifisa ukubambelela kokuhle kuphela. NgokweBhayibheli kuthiwa umfazi oyisiwula uyawakha umuzi futhi awubhidlize ngezandla. Ngizimisele ngokuhlonipha isoka lami ngilithathe njengomyeni wami noma singakashadi. Ngikholelwa wukuthi uthando nenhlonipho yikho okwakha umshado kubantu ababili,” kusho uMshoza.
UMvula uthi akakaze ahlangane nowesifazane ozithobe njengoMshoza okumenza ahluke kwabanye abesifazane ake wathandana nabo.
Uthe akagcini nje ngokuhlonipha yena kodwa nabantu abadala uyabazisa akakusebenzisi ukuba wusaziwayo.
“Ngangivele ngimazi ngoba ungumculi kodwa ngelanga ngihlangana naye eMidrand ngabona olunye uhlangothi lwakhe lokuba ngowesifazane ozithobile.
Sinesikhathi esiwunyaka sithandana kodwa alukho usuku engizisola ngalo. Okwamanje sisabheke impilo kanina emuva kwalokho sizobe sesiqala sihlela izinto,” kusho uMvula.
Kwezinye zezinto uMshoza
azozenza ekhaya wukuvula amahhovisi eFresh Money Records eLadysmith. Uzobe erekhoda abaculi abasha okubalwa abekwaito, maskandi, izimbongi nabanye abenza umculo.
Uthe uzovula nesitolo sezinwele esibizwa ngeVem-La-Diva nesezimpahla zokugqoka iFei-Bellissimo Boutique. Konke lokhu uMshoza uthi kumenza azibone ezelwe kabusha yikho ezoqala isahluko esisha empilweni yakhe KwaZulu-Natal.
“Ngiyazi kuzobe kuyimpilo entsha ukuhlala emakhaya kodwa sengiqalile ukufunda eminye yemisebenzi eyenziwa khona. Sengiyakwazi ukugaya utshwala, angiboni ukuthi nokunye kuzongihlula,” kusho uMshoza ehleka.
Mayelana namahlebezi okukhulelwa kukaMshoza, uthe uyithatha njengento engekho leyo ngoba sebekhulumile naye
waveza ukuthi akazi kuqhamukaphi.