Ezokungcebeleka

IVuma ‘icathamela’ abasakazi beGagasi

Sbu Masango|Published

UTHANDOLWETHU Ngidi ongomunye wabasakazi beGagasi okuthiwa ushelwa yiVuma FM Isithombe: THANDOLWETHU NGIDI/FACEBOOK UTHANDOLWETHU Ngidi ongomunye wabasakazi beGagasi okuthiwa ushelwa yiVuma FM Isithombe: THANDOLWETHU NGIDI/FACEBOOK

LINGASE lilahlekelwe abasakazi abaqavile iGagasi FM njengoba kuvela ukuthi iVuma FM iyabacathamela.

Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo othembekile, umphathi weVuma FM uPearl Sokhulu oke waphatha iGagasi, usemkhankasweni wokulanda abanye babasakazi aqala ngabo iGagasi.

Umthombo uthe uSokhulu ufuna ukusebenzisa laba basakazi ukutakula iVuma esibonakala ivele ngesicholo esizibeni sokushabalala.

Phakathi kwabasakazi okuthiwa ubagaqele nguMzokoloko owenza i-I Love Mornings With Mzokoloko And Njabs, Kini Shandu okwenza iThe Big Bang, Thandolwethu Ngidi owenza iThe Afternoon Show Off, * -Alex Mthiyane owenza Indaba, Mamgo ongasekho kwiGagasi noPhumlani Dube obekuyo iVuma.

Kuthiwa nyakenye uSokhulu ubizele abanye babasakazi eBelpunto Restaurant eMdloti eyobanxenxa.

UMamgo uthe useke wawezwa lama hlebezi kodwa ngeke akwazi ukujoyina lo msakazo ngoba umatasa nezinye izinto.

UThandolwethu uthe uyaqala ukuzwa ngala mahlebezi futhi awasilona iqiniso.

UMthiyane naye uthe uke wezwa ukuthi kunabasakazi abafunwa yiVuma kodwa akazi lutho. UKini yena uthe ngeke akwazi ukuya kwiVuma.

Umthombo uthe laba basakazi bayalwazi lolu daba, basaba ukukhuluma ngoba basaqashwe yiGagasi. Uqhube wathi yize bekhona abafunayo ukuya kwiVuma kodwa banqena uPatrick Bogatsu osekwiVuma owake wangumphathi weGagasi phambilini.

“Enye inkinga wukuthi izinkontileka zabasakazi beGagasi ziphela ngoJuni, ezabeVuma ziphela ngo-Ephreli. Uma iVuma izimisele kumele ithenge izinkontileka zabo eGagasini ngezizumbulu zemali,” kusho umthombo.

UKhulekani Shandu okhulumela iGagasi uthe banezinkontileka abazibophezela kuzona abasakazi babo, ngeke azi ukuthi iVuma ikhuluma nabaphi abasakazi.

“Enkontilekeni kuba nesigatshana esibizwa ngeRestraint of Trade. Isho ukuthi ngeke ukwazi ukuyosebenzela izimbangi zakho esikhathini esithile ingakapheli inkontileka yakho,” kusho uShandu.

Okhulumela iVuma, uTee van Heerden, uthe: “Uma kunezingxoxo ezenzekayo, kusuke kuyinto yangaphakathi. Uma zenzeka izinguquko, siyokhipha isitatimende esinayo yonke imininingwane.”

IVuma ibhekene nesambane njengoba iphikwa yizibalo zabalaleli.