LIZOYIVALA ngokubhekana ne-Argentina phesheya iRugby Championship yanonyaka iqembu lesizwe lombhoxo labesilisa.
Inhlangano eyengamele umbhoxo kuleli, iSA Rugby, imemezele ukuthi amaBhokobhoko azodudulana ne-Argentina eTwickenham, eLondon, ngo-Okthoba 4.
Nakuba iqembu lakuleli lizobe lingaqali ukubhekana namanye amazwe eLondon, kuzobe kungokokuqala lidlalela khona oweRugby Championship.
Ngo-2023 amaBhokobhoko aguqisa iNew Zealand ngo 35-7 kowokulungiselela iNdebe yoMhlaba eTwickenham, kwathi nyakenye athela phansi iWales ngo 41-13 koweQatar Airways Cup kule nkundla.
Iqembu likaRassie Erasmus lizovula isizini ngokubhekana ne-Italy kanye neGeorgia kuleli ngoJulayi.
Lizobe selidlala eminye emibili yasekhaya ne-Australia ngo-Agasti ngaphambi kokudlulela eNew Zealand lapho lizodlala khona emibili nama-All Blacks ngoSepthemba. Lizobuyela ekhaya lizobhekana ne-Argentina ngaphambi kokududulana naleli lizwe eLondon.
Izinkundla okuzodlalelwa kuzona yonke imidlalo ezobanjelwa kuleli zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
“Kuhlale kujabulisa ukudlala eLondon futhi sibheke ngabomvu ukubhekana ne-Argentina khona okokuqala ngqa emdlalweni weRugby Championship,” kusho Erasmus ongumqeqeshi wamaBhokobhoko.
“Sikujabulele kakhulu ukudlala kule nkundla eminyakeni emibili edlule. Abalandeli bayagcwala ngoba sinenqwaba yabalandeli bamaBhokobhko abazinze e-UK.
“Asingabazi ukuthi lo mdlalo uzoba ngomunye othokozisayo uma kubhekwa izimpi ezishubile phakathi kwamaBhokobhoko neLos Pumas eminyakeni embalwa edlule. Siyibheke ngabomvu le nselelo.”
Imidlalo yamaBhokobhoko yanonyaka esiqinisekisiwe
EyeTest:
Julayi 5 - South Africa v Italy
Julayi 12 - South Africa v Italy
Julayi 19 - South Africa v Georgia
EyeRugby Championship:
Agasti 16 - South Africa v Australia;
Agasti 23 - South Africa v Australia
Septhemba 6 - New Zealand v South Africa (Eden Park, Auckland)
Septhemba 13 - New Zealand v SA (Sky Stadium, Wellington)
Septhemba 27 - September: South Africa v Argentina
Okthoba 4 - Argentina v SA (Twickenham, London).