UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, unovalo ngokungamehlela uma esehlaselwa yisomiso eqenjini eselikwenze isiko ukuwina izindebe.
UMokwena uhlalelwe wumthwalo wokuqhamuka namaqhinga okwehlula i-Orlando Pirates abazogadulisana nayo kowamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium, eMpumalanga, namuhla ngo-3 ntambama.
ISundowns isanda kuqinisekiswa njengompetha beligi yeDStv Premiership ihlandla lesikhombisa kulandelana. Maphakathi nesizini ikhale yemuka nendebe i-African Football League (AFL) ebiqala ukudlalelwa ezwenikazi i-Afrika. KwiSundowns, uMokwena uqhubeke nosiko lokuwina izindebe elavuselelwa ngumqeqeshi uPitso Mosimane eminyakeni edlule.
Nokho uzwakalise ukukhathazeka ngendlela okungenzeka abhekwe ngayo uma engasaziwini izindebe eqenjini. Lo mqeqeshi waseSoweto, ugxekwe kakhulu ngokuhluleka ukuwina ezinye izindebe kwiSundowns nokuhluleka ekugcineni ukuqopha umlando wokuqeda isizini engahlulwanga emidlalweni yeDStv Premiership.
“Uma lokhu kwenzeka ngiwina imidlalo eminingi kangaka njengomqeqeshi, kuzokwenzekani...(uma ngingasawini). Ngingathanda ukuhlala kwiSundowns iminyaka eyisishiyagalombili kuya kweyisishiyagalolunye, ngenze njengoPep (Guardiola), njengoKlopp (Jurgen). Ngiyayithanda iSundowns, ngiyalithanda iqembu. Ngikhipha konke enginakho ngenzela iqembu nabalandeli. Kodwa kwesinye isikhathi ngikhuluma nami ngithi angicabangi ukuthi kungenzeka (ukuhlala isikhathi eside). Angicabangi ukuthi ngisengahlala iminyaka eyisishiyagalombili kuya kweyisishiyagalolunye njengoPep,” kusho uMokwena.
“Iqiniso wukuthi kuzokwenzeka ngingawini iligi isizini noma amabili, ngingawini iChampions League. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizothathwa kanjani uma ngiqeda isizini ngingawinanga iChampions League. UPep uhlale iminyaka eyisishiyagalombili kwiManchester City, wawina iChampions League kanye. Kukhona amasizini lapho engawinanga khona ngisho iPremier League kodwa usehlale iminyaka eyisishiyagalombili kuya kweyisishiyagalolunye.
“UKlopp uwine iligi kanye neChampions League kanye kodwa uhlale iminyaka eyisishiyagalombili. Esevalelisa uthe ngishiyile futhi ngizizwe ngithandwa kusukela ekuqaleni kwaze kwaba sekugcineni. Kwesinye isikhathi anginaso isiqiniseko futhi ngiyathandaza kuMdali ukuthi asifiki lapho ekutheni sihlale isikhathi eside singawini lutho.
“Ngiyakungabaza ukuthi kuyokwenzeka kodwa ibhola nokuba yibhola kwalo, kungenzeka. Ngiyazibuza ukuthi uma nginengcindezi, kunjani kubantu esibashiya ngamaphuzu angu-23.”
UMokwena uzobhekana nomqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, okwesibili kowamanqamu kule sizini ka-2023/2024. Ukhale ngaphansi kweZimnyama kowamanqamu weMTN8 eThekwini ngasekuqaleni kwesizini. Emidlalweni yeligi ayikho egobe uphondo kwazise zidlale ngokulingana kuyona yomibili imizuliswano.
“Imidlalo yamanqamu ihluke kakhulu. Imidlalo yamanqamu esengibandakanyeke kuyona, izinto zivele zishintshe zibheke kwenye indawo. Wumdlalo ohluke ngokuphelele kodwa kumele ulawule lokho ongakwazi ukukulawula, uzilungiselele futhi ukulungele ukudlala ngamandla wakho wonke. Imidlalo yamanqamu akuyona eyokudlalwa, eyokuwinwa,” kusho uMokwena.