ESINYE sezithenjwa zeSuperSport United, uGamphani Lungu, siveza ukuthi iphutha abalenze emdlalweni wokuvala unyaka odlule libaphoqa ukunqoba kumnyama kubomvu emdlalweni wokuqala wonyaka.
ISuperSport bekufanele igadulisane neSekhukhune emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium kodwa umdlalo wahlehliswa yiPremier Soccer League (PSL) ngenxa yokubambezeleka kweBafana Bafana ebidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon)
ULungu ukhuluma ngephutha abalenze beshaywa yiRichards Bay, ngo-3-1, eKing Zwelithini Stadium. Igoli lokubika lihlohlwe enethini nguye lo mgadli. Utshele Isolezwe ukuthi kufanele bazisole bona ngalokhu kuhlulwa.
"Kungabe sihleli endaweni yesibili ukube sinqobe kwiBay emdlalweni wokuvala unyaka. Ngabe silivalile igebe kwiSundowns. Kumele sizisole thina. KoweBay senze inqwaba yamaphutha saphinde sahlulwa wukusebenzisa amathuba. Leli phutha lisiphoqa ukuthi sinqobe noma kanjani ngoLwesibili," kubeka uLungu ofike kwiSuperSport ngo-2018, ephuma kwiPower Dynamos yangakubo eZambia.
Uqhube wathi: "Kuhle ngoba sithole isikhathi esanele sokulungisa la maphutha. Sivumelene ngokuthi kusukela koweSekhukhune awukho umdlalo esizodliwa kuwona. Okungenani kumele sidlale ngokulingana. Isifiso sethu ngesizini ezayo wukubuyela emidlalweni yeCaf. Kungasijabulisa ukudlala kwiChampions League. Empeleni yonke imidlalo esisalele siyifanisa neyamanqamu".
Amatsatsantsa a Pitori asendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-29, emidlalweni ewu-16.
Asavalele phakathi enethini awu-22, angenelwa awu-19. Abambene ngamaphuzu angu-29 neCape Town City enamagoli awu-18, yangenelwa awu-11.
Kuqhwakele iMamelodi Sundowns ngawu-38, kwewu-14. ULungu ukuphikile ukuthi iSundowns ifana nesisinqobile isicoco seDStv Premiership.
"Yebo kubukeka kanjalo. Kodwa engikwaziyo yibhola leli, kwenzeka noma yini. Kusengaqhamuka noma yiliphi iqembu lisithathe isicoco," eshaya ngamafuphi.
Ngakolunye uhlangothi iSekhukhune ilele kweyesi-12, ngamaphuzu awu-18, emidlalweni ewu-15.
Kwegcine ukuwudlala, ibambane neKaizer Chiefs ngo-1-1.
Bekuwumdlalo wesine iSekhukhune ihluleka ukunqoba. ULungu uveze nokuthi akakalilahli ithemba ngokunqoba inkomishi yeLesley Manyathela Goolden Boot.
Emidlalweni ewu-12 yeligi esashaye amagoli amabili kuphela.
KwiDStv Premierhip ziholwa uKhanyisa Mayo weCity noLucas Ribeiro Costa weSundowns, ngamagoli ayisikhombisa.
"Sincane kakhulu isibalo samagoli angihlukanisa nabahamba phambili. Yima siwuqala umzuliswano wesibili weligi, nalapha emagolini kusengenzeka noma yini. Okwami nje ukuqhubeka nokusebenza kanzima,“ kusho uLungu.