INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli iSouth African Football Association (Safa), ingase ihlawuliswe izizumbulu uma igoloza ukuxolisa kuRia Ledwaba, emdingisile ebholeni.
Lokhu kudalulwe ngummeli wakhe uVernon Seymour, weLionel Cay Attorneys. ULedwaba ongumakadebona ekuphathweni kwebhola eMzansi, udingiswe yiSafa encwadini abhalelwe yona emasontweni adlule.
Encwadini ebhalwe nguLydia Monyepao, oyisikhulu esiphezulu seSafa, enosuku lwangoMashi 6, uLedwaba waziswa ukuthi akasavumelekile ukuzihlanganisa nemicimbi ethinta ibhola kuleli futhi akasamulekile kule nhlangano.
ISafa ibhale incwadi ngemuva kokuthi ngoFebhuwari 9, iJaji uHolland-Muter, eNkantolo eNkulu ePitoli, lilamhle ngecala uLedwaba emizamweni yokuphikisa ukhetho lwenhlangano lwangoJuni 2022, okwabuyiselwa kulo uDanny Jordaan kwesobumengameli. ULedwaba owake waba ngelinye lamaphini kamengameli kwiSafa, waya enkantolo ekhala ngokungalandewa komthethosisekelo ngaphambi kokhetho olwagcina luqhubekile.
Okunye okubhalwe encwadini kufundeka kanje:"Uyifake ehlazweni iSafa waphinde wadicilela isithunzi sayo ngokuyithathela izinyathelo zomthetho. Isenzo sakho siphambene nenqubomgomo yenhlangano. Ngemuva kokucubungula kahle udaba, isigungu esiphezulu sifinyelele esinqumweni sokukuxosha kuzo zonke izinhlelo ezithinta ibhola ngaphansi kweSafa.
"Ngokusho kwejaji, uphinde ubandakanyeka emizamweni yokuzama ukumisa ukuqhubeka kwengqugquthela yeSafa ngoJuni 26, 2022 ngokuya eNkantolo eNkulu eCape Town, ngoJuni 26 onyakeni ofanayo. Nakhona wahluleka."
ULedwaba owake waba ngusihlalo weRia Stars eyayidlala esigabeni esikhulu, uthe iSafa iqambe ishilo, uzosiphikisa isinqumo sayo.
Incwadi ebhalwe nguSeymour weLionel Cay Attorneys, ngoMashi 12, ebhekiswe esigungwini esiphezulu seSafa, ithi inhlangano ayinalo ilungelo lokuthatha isinqumo ngoba sithe siphuma isinqumo sangoFebruwari 9, ikhasimende labo lafaka amaphepha okusiphikisa. Okunye ukuthi isigungu esiphezulu seSafa asinawo amandla okuxosha uLedwaba.
"Ngakho siniyalela ukuthi zingapheli izinsuku eziyisikhombisa (sibhale incwadi) ningaxolisanga. Uma nihluleka sizolibhekisa enkantolo."
USeymour utshele iphephandaba ukuthi isinqumo seSafa siyinhlamba kuLedwaba. Uveze ukuthi kukabili, uma iSafa ingafuni ukuxolisa, ikhasimende labo lizobuyela enkantolo ngenhloso yokuthi isinqumo sithathwe njengento engekho. Okwesibili ukuthi uLedwaba angafuna kugezwe igama lakhe ngemali, iSafa iphinde ixolise.
"Uma uLedwaba efune ukuthi kugezwe igama lakhe sizolwela ukuthi iSafa ikhokhe izigidi zamarandi. Ngokujwayelekile uma isimo sinjena, inhlawulo iqala ku-R5 million kuya phezulu. Inkantolo ingaphinde iphoqe iSafa ukuthi ixolise kuyo yonke imithombo yezindaba. Kudingiswa umuntu omubi nowuhlupho. Kuyinhlamba lokhu kuLedwaba. Wonke umuntu uyazi ukuthi ulime indima enkulu ekuthuthukiseni kwebhola lakuleli," kubeka Seymour.