Izingqinamba ezikhungethe iMoroka Swallows zibubeka obala ubunzima obubhekene namaqemu amaningi kwiPremier Soccer League (PSL).
ISwallows isanda kuhlawuliswa yiPSL u-R1million, yalengiselwa u-R600 000 ngecala lokungayi emidlalweni emibili yeDStv Premiership obekumele iyidlale neMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuphela kuka-2023.
IZinyoni azilubhadanga ngenxa yokuthi abadlali banqabile ukuyodlala kulandela ukungaholelwa imiholo yabo ngabaphathi beqembu. Sekukaningi kuvela ukuthi iSwallows inenkinga yenkece. Emasontweni adlule kuvele ukuthi izindleko zenyanga zingaphezulu kakhulu kunemali ekhishwa yiPSL ewu-R2.5 million.
Owayeyisikhulu saMaZulu, uLunga Sokhela, uthe kumba eqolo ukuphatha iqembu lePSL futhi maningi amaqembu asazongena enkingeni yokuntula imali. USokhela nomndeni wakhe baqoke ukuludayisela uSandile Zungu Usuthu ngo-2020, baphuma ebholeni ngenxa yokuqonga kwezindleko zokuphatha iqembu.
“Uma ufuna ukuba neqembu eliphelele, kufanele uchithe okungenani u-R7 million ngenyanga. Kwezinye izinyanga ugcina usebenzisa u-R8 million. Okwenyuse izindleko wukuthi ngesikhathi kuza umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2010, izinkampani zithutheleke ngobuningi ebholeni, zafaka imali. Lokhu kuholele ekunyukeni kwamaholo abadlali nawabaqeqeshi. Emuva kwalokho izinkampani ziqhelile kodwa izindleko zasala ziphezulu. IPSL ihlulekile ukukulawula lokhu,” kusho uSokhela.
“Kwamanye amazwe iqembu alikwazi ukuba nezindleko ezingaphezu kwemali eliyitholayo ngenxa yeFifa Fair Play. Uma wenza lokho ujeziswa kanzima. Thina eyethu inkinga wukuthi abantu abaphethe ibhola bayizimbangi zethu ngoba banamaqembu. Ngeke uthathe amabhuku akho uyowakhombisa imbangi. Esikhathini samanje umqeqeshi uhamba cishe no-R6 million ngonyaka, uthengelwa imoto nomuzi. Ngaphezu kwalokho ufika nabasizi bakhe abayisishiyagalolunye nomqeqeshi wonozinti. Uma uhlulekile ukuhamba ibanga elide emiqhudelwaneni, konakele ngoba ayikho imali engenayo. Okwenzeke kwiSwallows sisazokubona. Kusazokwenzeka kuqhamuke amaqembu ayisihlanu noma ayisithupha ethi ngeke aye kodlala ngenxa yokuhluleka ukumelana nezindleko.”
Izindleko ezinkulu ezibhekene namaqembu ezokukhokhela abadlali nabaqeqeshi amaholo aphezulu.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umdlali ohola kakhulu kwiPremiership ugoduka nemali elinganiselwa ku-R300 000 ngenyanga. Abahola kancane bathola u-R15 000 ngenyanga. Ngaphezu kwemiholo yabadlali neyabaqeqeshi, kukhona nezindleko zamakhempu, ezokuhamba, ukukhokhela odokotela, onogada ngosuku lomdlalo nabanye abasebenza eqenjini. Lokhu kwenza iqembu ngalinye kwiPremiership lingene ligamanxe ephaketheni ekupheleni kwenyanga.
URantsi Mokoena, odayise iFree State Stars ngo-2020 emuva kwaminyaka emithathu igawulwe yizembe kwiPremiership yehlela kuMotsepe Foundation Championship, ukhala ngokuhambela kude kwezinkampani ezihlomulayo kubantu abamnyama kodwa ezingafuni ukufaka inkece ebholeni eliwumdlalo wabansundu.
“Ibhola akulona elabanezinhliziyo ezibuthaka. Amaqembu kade aqala ukudonsa kanzima. Abanye abanikazi bamaqembu sebaze baphuma ebholeni, abanye abasekho emhlabeni njengobaba (Mike Mokoena). OSokhela (Patrick), Molemela (Petrus), Ria Ledwaba nabanye. Umnotho wabo ushabalele ngenxa yokuthanda ibhola. Abakufake ebholeni akufani nabakutholile,” kusho uMokoena.
“Uma ufuna ukuba neqembu eliphumelelayo, elinezinhlaka futhi ukwazi ukuthenga abadlali, uthole nomqeqeshi osezingeni njengoSteve Komphela noma uGavin Hunt, kumele ukhiphe okungenani u-R4.5 million ngenyanga. Uma uyodlala nelinye iqembu, uchitha okungenani u-R150 000 ngendawo yokulala, R20 000 kodokotela, R250 000 webhanoyoi nokudla. Usuvele usufike kuhhafu wemali yePSL kodwa awukawabali amaholo.
“Ngidayise iFree Stars ngoba ngilahlekelwa yimali. Ngesikhathi iqembu silithatha kubaba, izindleko zisiphundle u-R6 million ngonyaka kwiNFD, saqoka ukulidayisa. Ubaba ubechitha u-R8 million ngonyaka eminyakeni emithathu sikulesi sigaba. Ukulahlekelwa ngu-R100 million komndeni eminyakeni eyisisishiyagalombili ebholeni akunabo ubulungiswa.”
UMokoena uthe lokhu okwenzeka kuSwallows kusazokwenzeka nakwamanye amaqembu. Kumasizini adlule akhona amaqembu okubikwe ukuthi adonsa kanzima ngokwenkece futhi abadlali abaholile okukhona kuwona iTS Galaxy, Royal AM neChippa United. Muva nje kuvele imibiko ethi iBaroka ayibaholelanga abadlali ngoDisemba kanti leli phephandaba libikile ngesimo esifanayo nakwiMilford FC. Womabili la maqembu ayibamba kuMotsepe Foundation Championship.
“Uma ubheka ezinye ezemidlalo ezifana nebhola lombhoxo nekhilikithi, zinabaxhasi. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abamhlophe bafaka imali yabo lapho abakhona. Kunezinkampani ezixhaswa ngabantu abamnyama kodwa aziyifaki imali ebholeni. Uhulumeni wethu engasisiza ngokubekela lezi zinkampani imigomo yokuthi zifake imali ebholeni, mhlawumbe azixegisele uma sezikhokha intela noma benze ezinye izivumelwano,” kusho uMokoena.
Okwamanje akucaci ukuthi iSwallows izoqhubeka kanjani ngenxa yokuthi abadlali abakaholi. Noma ngabe yini ezokwenziwa ukuhlenga leli qembu elinomlando omuhle ebholeni laseMzansi kodwa kufanele ifakelwe izibuko eyokuqonga kwezindleko ebholeni laseMzansi futhi kuhlolisiswe ukujula kwamaphatheke abantu abathenga amaqembu kwiPSL ukuze kugwemeke inkemane ebhuqa abadlali beSwallows kumanje.