KUZOCACA ngesonto elizayo ngekusasa lomdlali weKaizer Chiefs, uHendrick Ekstein, ongakayisayini inkontileka entsha eNaturena.
U-Ekstein, ongomunye wabadlali ababalulekile kumqeqeshi * -Ernst Middendorp, wenqabile ukusayina enkontileka entsha emasontweni adlule, ekhala ngomholo ongagculisi iChiefs ebimbekela wona.
Lo mdlali nemenenja yakhe, uPalesa Mkhize wePulse Players Management bacele ukuthi iChiefs ibuye nomholo obuyekeziwe. Amakhosi asevele azivuselele izinkontileka zabadlali, okukhona kubona uBernard Parker, Kgotso Moleko noRamahlwe Mphahlele. UJoseph Molangoana olimale ekuqaleni kwesizini noGustavo Paez olizwa ngendaba ijezi, abakazi ukuthi ikusasa libaphatheleni.
UMkhize uthe ekuqaleni kwesonto elizayo bazothatha isinqumo ngekusasa lika-Ekstein ozophelelwa yinkontileka kwiChiefs ekupheleni kwesizini.
“Sizohlangana nabaphathi ngoMsombuluko noma ngoLwesibili. Lona wumhlangano wokugcina nabo. Sizophuma sesazi ukuthi sibheka kuphi. Uma singavumelani, sizoqala ukuxoxa namanye amaqembu,” kusho uMkhize.
U-Ekstein ukhushulelwe esikimini esikhulu seChiefs ngo-2015. Nakuba abalandeli beChiefs behlukene phakathi ngaye kodwa ubenze bacabanga ngenye indlela eshaya into ecokeme ngesikhathi esiza iqembu likhipha iCape Town City kwiNedbank Cup emasontweni amabili adlule.
“Kuhle ukuthi uyadlala. Usethole umqeqeshi okholelwa kuyena. Angazi noma kuyaziqondanela yini ukuthi udlala kahle ekubeni ephelelwa yinkontileka.
Konke okwenzekayo akafuni kumphazamise. Uhlala elwela ukuthi adlale kahle emdlalweni olandelayo nokuhlala esesimeni njalo uma umqeqeshi emdinga. Umqeqeshi uyakholelwa kuyena kodwa kuzokwenzekani uma exoshwa ngoba baningi abanye abebengakholelwa kuyena,” kusho uMkhize.
UMiddendorp akakufihlanga ukuthi uyamdinga * -Ekstein eqenjini futhi ufuna ahlale, wathi ungomunye wabadlali abaphambili aseke wasebenza nabo engumqeqeshi. Ngesonto eledlule uthe * -Ekstein akacabange kahle, angahanjiswa wukuthenjiswa elinye iqembu imali engcono ngoR10.
“Ukuba bengiwuyena ngifike esigabeni esikhokhelayo ngina-24, manje ngina-28, nginomqeqeshi othembele kimina futhi ngiseneminye iminyaka eyisihlanu engizoyidlala, ukushintsha ngiye kwelinye iqembu bekuzoba okokugcina emqondweni wami. Bengingabhekisisa konke. Kodwa ke abadlali banezimenenja, banomalume futhi bashelwa amanye amaqembu. Bacabanga ukuthi ukuthola uR10 ngaphezulu kwenza umehluko omkhulu.
“Kodwa kufanele abuze noma abheke abanye abadlali abashintshe baya kwamanye amaqembu, bezitshela ukuthi kungcono khona. Emuva kwezinyanga ezimbili sebenwaya amakhanda, sebeyafona sebefuna ukubuya. Ngingamyala ngithi akahlale. Ngethemba ukuthi uzosithola isixazululo,” kusho uMiddendorp.
IChiefs izobhekana neBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership eThohoyandou Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Imidlalo yePremiership:
Kusasa ngo 8 ebusuku: Chippa United v Bidvest Wits (Nelson Mandela Bay Stadium)
NgoMgqibelo : Black Leopards v Kaizer Chiefs (Thohoyandou Stadium, 3pm)
Highlands Park v Maritzburg United (Makhulong Stadium, 3pm)
SuperSport United v Polokwane City (8.15pm)
Orlando Pirates v Free State Stars (Orlando Stadium, 8.15pm)
NgeSonto ngo 3 ntambama:
Golden Arrows v AmaZulu FC (Sugar Ray Xulu Stadium)
Bloemfontein Celtic v Cape Town City FC (Dr Molemela Stadium).