UXOLISILE ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi ngokuthi ngeke bakwazi ukuvakashela zonke izifundazwe nawo wonke amadolobha akuleli nenkomishi yeNdebe yoMhlaba.
Ubekhuluma esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International izolo, ngemuva kokuthi bamukelwe yizinkumbi zabalandeli okubonakala sengathi badele konke ukuze babe ngabokuqala ukuyibonela eduze le ndebe esibuya okwesine kuleli.
AmaBhokobhoko anqobe iNew Zealand ngo 12-11 kowamanqamu ngoMgqibelo, akwazi ukuvikela lesi sicoco ayesinqobe eJapan ngo-2019.
Inhlangano eyengamele ezombhoxo kuleli, iSA Rugby, ibe isikhipha isitatimende ngeSonto, iqinisekisa ukuthi iqembu lizovakashela izindawo ezikhethekile nendebe kusukela namuhla kuze kube yiSonto.
Lolu hambo luzoqala ePitoli naseSoweto eGauteng, ngoLwesine. NgoLwesihlanu amaBhokobhoko azobe eseKapa, ngoMgqibelo abe seThekwini bese esonga uhambo e-East London ngeSonto.
NgoMsombuluko, isikhulu seNelson Mandela Bay Business Chamber, eNelson Mandela Bay Metro, uDenise van Huyssteen, sibhalele iSA Rugby incwadi sikhononda ngokushaywa ngesithende kwalo masipala ekubeni ukaputeni uKolisi, iphini lomqeqeshi uMzwandile Stick nomqondosi wezombhoxo kuleli, uRassie Erasmus, bedabuka eGqeberha.
UKolisi ucacisile ukuthi ngenxa yesikhathi bebengeke bakwazi ukufinyelela kuzona zonke izindawo, yize bebefisa.
“Siyakuthokozela ukwesekwa esikuthole kubo bonke abantu abasezindaweni ezehlukene eNingizimu Afrika. Besiwabuka ama-video ngemuva kokuzilolonga nangemuva kwemidlalo futhi injabulo yabo ibisinika umfutho,” kusho uKolisi esithangamini sabezindaba ebesikhonjiswa kwithelevishini.
"Sijabulile nemindeni yethu ehhotela ngemuva kokunqoba iNdebe yoMhlaba kodwa bekungafani nalo muzwa esiwuthole manje njengoba sesisekhaya. Sesijahe kabi ukubona nabanye abantu kwezinye izindawo.
“Kusiphatha kabi ukuthi ngeke sifinyelele kuzona zonke izindawo. Ukube kuya ngathi besizofika kuzo zonke izifundazwe, amadolobhana amancane nezigodi. Ngeshwa kunabadlali okumele babuyele emaqenjini abo.”
Umengameli weSA Rugby, uMark Alexander, uthe zisekhona izinhlelo zokuvakashela amanye amadolobha nomcimbi omkhulu okuhlelwe ukuthi ubanjelwe eGqeberha ngonyaka ozayo
UNgqongqoshe wezeMidlalo, uZizi Kodwa, uthe nakuba kusanemizamo yokuthi indebe ifinyelela kwezinye izindawo uma livela ithuba, lesi akusona isikhathi sokuqala uqhekeko.
“Siyabonga kumengameli ngezinhlelo zokuzama ukuvakashela kwezinye izifundazwe. Mangigcizelele ukuthi akufanele siwuqede umoya wokubungaza amaBhokobhoko njengeqembu lesizwe, singawaphenduli iqembu lesifundazwe esithile noma isigodi esithile,” uKodwa uphawule kanje.
“Kunabantu baseMoletji noma eTzaneen, eLimpopo, abaKwaNongoma nakwezinye izindawo abaphume ngobuningi babo ngoMgqibelo, beseka iqembu lesizwe, bengakwenzeli ukuthi kukhona umdlali ophuma khona.
“Ngicabanga ukuthi asiwugcine lowo moya ngoba kuzomosheka izinto uma siwulahla. Kwamanye amazwe uma iqembu linqobile lihambela idolobha elilodwa noma amabili bese kuphelela lapho. Masiqhubeke nokubumbana nokujabula njengesizwe,” uphethe kanje.