Kusale kunje ngemuva kwesibhicongo somshayeli ogibele abalandeli beLiverpool ngemoto besabhiyoza.
Image: X
KUBE yinhlanhla ukuthi kungaphumi isidumbu ngesikhathi indoda engaziwa igayisa ngemoto abalandeli beLivepool FC abebesembhiyozweni waleli qembu wokudla isicoco seligi sase-England.
Ngokusho kwamaphoyisa aseMerseyside, indoda aligodlile igama layo eneminyaka engu-53 ilale ibaliwe kulandela lesi sigameko esenzeke kuWater Street. Abazobonele ngamehlo bachaze isimo njengesiyohlale sisezinhliziyweni zabo ngezizathu ezimbi.
Ngesikhathi bonke abalandeli beLiverpool bejabulela ukuhlabana kweqembu labo ngesicoco sePremier League sehlandla lika-20 le ndoda iqonde ezihlweleni zabantu ibashayisa abanye bendiza emoyeni.
Yize kukhona abalimele baphuthunyiswa esibhedlela kodwa akekho olahlekelwe yimpilo yakhe.