ISOUTH African Football Association (Safa) isiyithumele kwiConfederation of African Foootball (CAF) incwadi ecacisa ngentshisekelo yayo yokuphatha umqhudelwano i-Africa Cup of Nations eyephucwe eCameroon ngesonto eledlule.
Lokhu kudalulwe ngumengameli weSafa, uDanny Jordan, izolo esithangamini nabezindaba eSafa House. Bekumenyezelwa uxhaso lwamasudi lweminyaka emithathu lwamaqembu esizwe iBafana Bafana neBanyana Banyana oluvela enkampanini yaseTurkey, i-D’S Damat.
INingizimu Afrika inxuswe yiCAF ukuthi ibe phakathi kwamazwe athanda ukuphatha i-Afcon ka-2019 emuva kokuhluleka kweCameroon ukulungisa zonke izimfanelo ngesikhathi. Iqembu elizophatha i-Afcon lizomenyezelwa ngaphambi kokuphela kuka-2018.
“Siyithumele incwadi kwiCAF eqinisekisa ukuthi siyafuna ukuphatha i-Afcon. Okwamanje silungiselela izethulo esizozenza eMnyangweni weZemidlalo. Sizobona kusukela lapho ukuthi kwenzekani. Inkulu kakhulu intshisekelo. Amalungu amaningi eCAF athi njengoba umqhudelwano ususeduze konke kufanele kube sesimeni. INingizimu Afrika izobanika lokho. Sekusele amasonto ayisithupha kuthathwe isinqumo. Kulindelwe amaqembu awu-24. I-CAF inesinqumo esikhulu okufanele isithathe,” kusho uJordan.
“Kuwona wonke umqhudelwano omkhulu, inselelo enkulu yizinkundla nezikhumulo zezindiza. Ezethu izinkundla zaphatha iNdebe yoMhlaba. Ziyisidingo esiphezulu kakhulu kuyona yonke imiqhudelwano. INdebe yoMhlaba siyenze ngezinkundla eziwu-10. Kulokhu sidinga eziyisithupha. Ngeke sikhiphe ngisho indibilishi. Ngeke sibeke sitini, konke kusesimeni. “Kunemali yezinkundla nemali yokwenza umqhudelwano. Eyokwenza umqhudelwano sizoyikhuluma neCAF ngoba ithola imali kubaxhasi bese iyabelana nesigungu esihlela umqhudelwano.”
Ekuqaleni kwesonto usihlalo wePremier Soccer League (PSL), * -Irvin Khoza, uzwakalise ukuyamukela indaba yokuthi uMzansi usethubeni lokuphatha i-Afcon, wathi ithuba akufanele lidedelwe. Uhambe emazwini kaNgqogqoshe weZemidlalo, uThokozile Xasa, othe bazoyeseka imizamo yeSafa yokuphatha umqhudelwano omkhulukazi e-Afrika.