NGABE sekufike ekugcineni ngabadlali ababili abanemidlalo ecela kweyikhulu kwiBafana Bafana uma ubahlanganisa, uTeko Modise (36) weCape Town City noMorgan Gould (35) weSuperSport United?
Bobabili laba badlali asebeke bagijima nasezinkunzini zebhola zaseNingizimu Afrika basalelwe yizinyanga eziyisithupha ezinkontilekeni abanazo.
Njengoba bekulesi simo nje, nemidlalo abayitholayo isiqala ukugqoza okwenza kuvele imibuzo yokuthi kungenzeka yini ukuthi sekuphelile ngabo ebholeni elikhokhelayo. Ithalente elikulaba badlali ngeke laphikiswa kodwa umbuzo omkhulu uthi zizovuselelwa yini izinkontileka zabo? Uma zingavuselelwa, bazowathola yini amakhaya amasha uma ziphela izinkontileka zabo ngoJuni?
Njengoba iwindi lokushintshana ngabadlali liqhubeka, akubona oModise noGould kuphela abasalelwe yizinyanga eziyisithupha ezinkontilekeni zabo kepha bakhona nabanye abadlali abanamagama.
Amaqembu avame ukubadedela ngoJanuwari abadlali abasalelwe yizinyanga eziyisithupha ezinkontilekeni uma efuna ukwenza inkece ngabo kodwa uma lokhu kungenzeki bayahlala bengadlali izinyanga zokugcina bese bekhululeka ngoJuni.
Akubona bonke nokho ababa naleli bhadi njengoba kuke kwenzeke kwezinye izikhathi banikwe izinkontileka ezintsha sekuvalwe amehlo. UGould ungomunye walaba badlali abasengavuselela ngoba uyinkakha yeSuperSport futhi ngeke kwethuse uma enikwa umsebenzi uma kungukuthi sekuphelile ngaye ebholeni elikhokhelayo. NoModise kunezinsolo zokuthi uBenni McCarthy ufuna ukumgcina kodwa inkinga kungase kube yiholo lakhe elishaya phezulu lo mdlali oseke wadlala kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Omunye umdlali obhekene nalesi simo uGranwald Scott obuye eNingizimu Afrika ngo-2017 wajoyina iBidvest Wits esuka eqenjini laseSlovakia. Uhambe kuleli ehlonishwa engukaputeni we-Ajax Cape Town.
Kuyona iWits lesi simo sibhekene noFrank “Gabadinho” Mhango. Iyaphela inkontileka yakhe ngoJuni ngakho-ke ngeke kwethuse uma engashiya kuyona manje ngoba vele umqeqeshi uGavin Hunt akasambheki nakumbheka uma esetha isikimu.
KwiPirates * -Abbubaker Mobara usesezinyangeni zakhe zokugcina eziyisithupha zenkontileka kodwa uyalithola ijezi kulezi zinsuku okuyizinkomba zokuthi kungenzeka ukuthi usesezinhlelweni zikaMilutin “Micho” Sredojevic noRulani Mokwena abashayela umkhumbi weBucs.
Owayedlalela iBucs kwaphinde kwasuka umsindo omkhulu ngaye kwi-Ajax Cape Town, uTendai Ndoro weHighlands Park asayine kuyona inkontileka yonyaka owodwa, kubukeka sengathi uzoyiqeda isizini kodwa ebholeni ngeke wazi.