UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ukholelwa ekutheni bebengayithela ngehlazo iMamelodi Sundowns ebashayele esibayeni sabo ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo, ukube abadlali bakhe bebengenawo amatata nesifo esidala sokuthatha izinqumo eziphambene.
Nakuba iSundowns iwuphathe cishe wonke lo mdlalo, uZwane ukholelwa ekutheni iChiefs ibingawunqoba ngamagoli amaningi ukube abadlali bakhe bebethatha izinqumo ezifanele ngezikhathi ezifanele futhi bengenakho ukuxhamazela okungenasidingo.
Ngokwalo mqeqeshi, iChiefs izithola isenkingeni kanjena nje, kungenxa yamaphutha enziwa ngabadlali kodwa futhi lokhu akumlahlisi ithemba ngoba uyaqonda ukuthi basabumba.
Emidlalweni yeligi emithathu edlule neSekhukhune United, AmaZulu FC neSundowns ngokwahlukana, ezikaZwane zithole isibhaxu kuyona yonke siphelezelwa amagoli ayisithupha kwangekho.
Le fomu yakamuva yeChiefs iyihlehlisa nyova kwi-log okuyingozi ngenxa yokuthothana kwamaqembu anamaphuzu anesibalo esithi asifane kule sizini esimaphakathi.
Yize iChiefs isendaweni yesihlanu kwi-log kodwa ingcono ngamaphuzu amane kuphela kwiMaritzburg United esendaweni ka-11.
IMaritzburg yona ingcono ngamaphuzu amathathu kwiSwallows FC esendaweni yesibili uma usuka emsileni we-log yeDStv Premiership.
Emuva komdlalo uZwane uphinde wakhala esithangamini nabezindaba, ngokuyeka iSundowns ekubeni ingene kaningi ogibeni abebeyicuphele lona.
“Esiwombeni sokuqala siyiphoqe kaningi iSundowns ukuthi idlalele ngaphakathi okuyilapho besiyiphuca khona kalula ibhola. Inkinga ibiqala uma sesiliwinile,” kusho uZwane.
“Sonke siyazi ukuthi kufanele siwakhuphule ngokushesha amasokisi ngokuthi senzani ngebhola uma sesisebhokisini lezitha.
“Inkinga yokuthatha izinqumo eziphambene iphinde yasishaya kulo mdlalo kangangokuthi, ukube amathuba esiwatholile besiwasebenzisa ngendlela, besizoshaya inqwaba yamagoli,” kulandisa uZwane.
Nakuba ekhale ngaphansi, lo mqeqeshi akagcinanga ngokubalisa kepha ubancomile abadlali bakhe ngokuzama ukukhuphula izinga esiwombeni sesibili.
“Ukube umdlalo wonke siwudlale ngendlela esidlale ngayo isiwombe sesibili ngabe kukhulunywa okunye.
"Bengibheke iwini kulo mdlalo ukuguqula izinto kithina kodwa angikhali kakhulu ngoba ngiyaqonda ukuthi iqembu lisabunjwa,” kuphetha uZwane.