KUVELE inhlansi yokukhathazeka kumqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, ngesibalo sabadlali bakhe abalimayalo njengoba eqinisekise ukuthi, uZitha Kwinika, ngeke awudlale owe-Last 16 yeNedbank Cup neCasric Stars ngeSonto ngo-6 ntambama e-FNB Stadium.
Lo mqeqeshi okungacaci noma imiphumela iyamvuma noma iyamphika, indaba kaKwinika uyiqinisekise esithangamini nabezindaba kulandela ukunqoba kwakhe muva nje eMlaza.
Ukulimala kukaKwinika kufika kabi njengoba kuvele kugcwele egunjini labagulayo kwiChiefs. Kwabavele belimele kukhona uCole Alexander, Dillan Solomons, Reeve Frosler, Nkosingiphule Ngcobo, Erick Mathoho, Ashley du Preez noKhama Billiat.
Ngaphezulu kwalokhu, iChiefs izoya kulo mdlalo walo mqhudelwano, enomlando ongemuhle kuwona ngaphandle komgadli omusha uCristian Salie, waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngenxa yesigwebo samakhadi.
“Enye yezimbangela zokuthi kungacaci noma izinto zethu ziyahlangana noma zihlehla nyova, ukushintsha isikimu masonto onke njengoba sekufanele sihlele ngaphandle kukaKwinika othintekile,” kusho uZwane.
“Okubi ngalezi zinguquko ukuthi zisuke ziphoqelekile ngenxa yokulimala kwabadlali ngakho-ke kufanele sikwamukele ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi kuhlangane lokhu esizama ukuhlanganisa lapha eqenjini.
“Abadlali bafuna lokhu esikufisayo singabaqeqeshi kodwa kuthi sekuhamba kahle kuphinde kuphoqe ukuthi sisishintshe futhi isikimu, hhayi ngoba sithanda kepha ngoba kukhona isimo esisiphoqayo ukuthi senze lokho,” kusho uZwane.
Umlando weChiefs kwiNedbank uma ibhekene namaqembu adlala ezigabeni ezingaphansi kwesikhulu, ukhomba ukuthi lo mdlalo abaya kuwona ngeke ubelula neze kwazise iCasric yenza kahle kulezi zinsuku kwiMotsepe Foundation Championship okufakazelwa indawo encomekayo ehleli kuyona.
Amaqembu ahlanganisa iBaroka FC, University of Pretoria (Tuks) ne-TS Galaxy ayimbangela yokuthi iChiefs ibe elinye lamaqembu amakhulu anomlando omubi wokukhishwa kulo mqhudelwano iqembu elithathwa njengelincame ebholeni laseNingizimu Afrika.
Amakhosi osekungaba umlingo ukuthi abe ompetha beDStv Premiership, asele neNedbank Cup kuphela ukwesula abalandeli izinyembezi zeminyaka eyisishiyagalombili bengakwazi ukujabulela ukufaka inkomishi ekhabetheni.