UYIHLABE wayihlikiza imibiko yokuthi izitobha uThembela Sikhakhane no-Abbubaker Mobara sebeyashiya eqenjini umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu.
Kuke kwasabalala amahlebezi okuthi laba badlali sebekhonjwe indlela oSuthwini kodwa uZungu uyibize ngamampunge leyo mibiko.
“Ngifuna ukusho nje ukuthi kuke kwavela amahlebezi ngezinto eziningi, okubalwa kuzona nabadlali bethu uMobara noSikhakhane. Ngifuna ukulibeka ngembaba elokuthi bangabadlali bethu, bawumgogodla weqembu futhi bayingxenye yezinhlelo zethu njengoba sibheke phambili,” kusho uZungu obekhuluna nabezindaba ngoMsombuluko.
“Abayi ndawo. Iqembu selibuyile ekhempini. Abakwazanga ukuhamba nalo ngenxa yezizathu ezithile kodwa sebehlangene nalo. UMajola (Siphephelo) naye akakwazanga ukuhamba neqembu, kungenzeka ukuthi abanye bambonile ehamba ngezinduku. Uyilungu elibalulekile leqembu futhi ungumdlali osemncane esilindele lukhulu kuyena ngomuso.
“Ngifuna ukuwaqeda nya amahlebezi ngabadlali bami. Bayingxenye yeqembu.”
UMobara ujoyine Usuthu ngoJanuwari ka-2022, esuka kwiCape Town City. Ngaphambi kwalokho, uke wadlalela i-Ajax Cape Town ne-Orlando Pirates.
USikhakhane waqala ukudlalela AmaZulu ngo-2017, ngesikhathi emboleke kwiPirates. Usayine ngokuphele kuleli qembu ngo-2020, ngemuva kokuhlukana neZimnyama, ezazimthathe kwiLamontville Golden Arrows.