KUNYUSE izinga lokudideka ngekusasa likaKhabo Zondo ongomunye wabaqeqeshi beRoyal AM, engabonakali ebhentshini emdlalweni waleli qembu neSuperSport United, ngoLwesibili, eLucas Masterpiece Moripe Stadium, ePitoli.
Usuku lwanamuhla luqale ngemibiko ebikhomba ukuthi seligqabukile ifindo phakathi kukaZondo naleli qembu likaShauwn "MaMkhize" Mkhize.
Okubukeka kubhebhezele le mibiko ukuthi usalile ngoMsombuluko, eqenjini elilibhekise emdlalweni waMatsatsantsa a Pitori. Kubaqeqeshi iThwihli Thwahla ehambe nabo u-Abram "Wire" Nteo, Postnet Omony ocija onozinti noThabo Maloka oyi-conditioning coach.
Ngokomthombo, uZondo usale phezu kokuthi ngeSonto bekunguye obekhetha abadlali abawu-18 abaye ePitoli. Ngesikhathi Isolezwe lithinta uZondo ngoLwesibili ekuseni, uphendule wathi: "Uyangibambezela, ngisaphuthuma ejimini.“ Ebuzisiswa ngale mibiko, uthe: "Angiziphenduli izinto ezingelona iqiniso.“
Umthombo uphinde wakuqinisekisa ukuthi abadlali abangayanga ePitoli, bebejinyiswa wuZondo ngoLwesibili, eMgungundlovu.
Kuthiwa nasemhlanganweni, uMaMkhize abe nawo nabadlali ngaphambi koweSuperSport, akazange ayiphathe eyokuthi uZondo akaseyona ingxenye yeqembu.
"Umengameli weqembu ubezosazisa emhlanganweni ukube uZondo akasasebenzi kwiRoyal AM. Ngikusho lokhu ngoba nangesikhathi umqeqeshi uDan (Malesela) esehambile, kwaba nomhlangano saziswa ngokusemthethweni. UMaMkhize usifisele inhlanhla, waphinde wagqugquzela nokubaluleka kwalo mdlalo," kubeka umthombo.
Uqhube wathi: "Okugqamayo ukuthi ubuholi beqembu sebunika uNteo amandla. Kubukeka befuna ajwayele ukuzithathela izinqumo nokuya emidlalweni ngaphandle kokuphelezelwa uZondo.“
Kuzokhumbuleka ukuthi nasemidlalweni yeCaf Confederation Cup kuhlala uNteo no-Omony ebhentshini njengoba benamaphepha andingwa yinhlangano eyengamele ibhola e-Afrika iCaf.
ICaf isinomthetho wokuthi emiqhudelwaneni yayo kuhlale abaqeqeshi okungenani abane-Caf A Licence.
Okunye okwenze udaba lukaZondo lwasabalalisa okomlilo wequbula ukuthi uMalesela wahamba kungalindele muntu kanjalo noJohn Maduka osekwiMaritzburg United.
NgeSonto iRoyal AM izodlala neZesco United yaseZambia emdlalweni womzuliswano wesibili wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo kwiConfederation Cup. Nakuwo lo mdlalo kulindeleke ukuthi uNteo kube uyena ohola ibhentshi njengoba kwenzekile bedlala neMbabane Highlanders yase-Eswatini emzuliswaneni wokuqala.