UTHUNGATHA iqembu elisha phesheya umgadli weBafana Bafana, uLuther Singh, ngemuva kokuthola izibusiso eqenjini lakhe iFC Copehagen.
USingh ufike ngo-Agasti nyakenye eqenjini laseDenmark, esuka kwiSC Braga yasePortugal, kanti usasalelwe iminyaka emithathu kwinkontileka yakhe.
Nokho wabhekana nobunzima njengoba edlale imidlalo eyisikhombisa ekuqaleni kwesizini edlule ngaphambi kokuthi alaliswe esibhedlela ngenxa yokugula okungadalulwanga.
Kusukela lapho udlale neqembu elincane ngasekupheleni kwesizini edlule ngaphambi kokuthi abe yingxnye yeqembu elikhulu ngesikhathi lilungiselela isizini entsha.
Nokho kusheshe kwacaca ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uJess Thorup, futhi ubengalitholi ijezi nasemidlalweni yobungani.
USingh akabonakalanga ngesikhathi iCopenhagen imeme abezindaba enkundleni yokuzilolonga ngoLwesithathu, kanti umqondisi wezemidlalo yeqembu uPeter Christiansen, udalule ukuthi lo mdlali usazama ukuthola iqembu elisha.
“ULuther uphumile ukuyobheka amanye amathuba. Ngicabanga ukuthi lokho kuzoba yinto engcono kakhulu kuyena manje, ukuze andise amathuba okudlala. Uyalidinga ithuba lokudlala ngemuva kokuba nonyaka onzima,” kusho uChristiansen etshela iphephandaba iCopenhagen Sundays.
"Singambolekisa kwelinye iqembu noma simdayise. Abantu bavame ukuzibuza ukuthi ngabe likhona yini iqembu elifuna uLuther ngoba usehlale isikhathi eside engadlali. Ngingakuqinisekisa ukuthi, akhona. Ngingasho ukuthi ungomunye wabadlali esibuzwa ngabo kakhulu ngoba abantu abaqondi ukuthi kungani engadlali kakhulu kwiFC Copenhagen.
"Lokho kusho okuthile ngohlobo lo mdlali ayilona. Akumele sikhohlwe ukuthi udlale ngendlela encomekayo eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, futhi ube nesizini enhle kakhulu ngaphambi kokuthi simlethe lapha.
"Nakanjani abantu abakhohliwe, baningi abambhekile futhi abazama ukuthola ulwazi ngaye, ake sibone ukuthi kuzokwenzekani."
Ngaphambi kokujoyina iCopenhagen, uSingh ubebolekiswe kwiPacos de Ferreira ePortugal, lapho eshaye amagoli waphakela nozakwabo amanye.
Ngenxa yalokhu wayefunwa yinqwaba yamaqembu kuleliya lizwe ngaphambi kokuthi athathwe yiCopenhagen. Kungenzeka abuyele khona ukuyozama ukuzivuselela.