Cape Verde (0) 0
South Africa (0) 0
IBafana inqobe ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi.
IBafana Bafana iqede ishobolo leminyaka engu-23 ifinyelela kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) emuva kokuguqisa iCape Verde sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuphelwe ngo 0-0, eCharles Konan Stadium, eYamoussoukro, e-Ivory Coast, ngoMgqibelo ebusuku.
Unozinti weBafana, uRonwen Williams, nguyena obeyiqhawe evimba amaphenathi amane. IBafana eyayigcine kwi-Afcon ka-2000 ukungena kowandulela owamanqamu, isiyobhekana neNigeria ngoLwesithathu.Komunye owandulela owamanqamu, i-Ivory Coast izobhekana neDemocratic Republic of Congo ngoLwesithathu.
KoweCape Verde, iBafana icishe yahamba phambili kusaphele imizuzu engu-13 umdlalo uqalile ngesikhathi uThemba Zwane ethola ibhola kuTeboho Mokoena kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali.
Phezu kokuba iBafana kuyiyona eke yaba phezudlwana ngomdlalo emizuzuwini engamashumi amabili yokuqala ngesiwombe sokuqala kodwa kweyisishiyagalombili ngaphambi kokuba ziye ekhefini, iCape Verde ihlasele kwavalwa amehlo. Nokho iBafana yagcina iphunyukile.
Esiwombeni sesibili, u-Evidence Makgopa ukhombise ukuba nomhobholo ezama ukuzishayela yena igoli esikhundleni sokuligobela ozakwabo abebesendaweni engcono kunaye eqhamuka ohlangothini lwesokudlan gomzuzu ka-53.
Unozinti weBafana, uRonwen Williams, uvimbe ibhola elibi ngomzuzu ka-55 ebelidedelwe nguGary Rodrigues obesephunyukile ezitobheni zeBafana phezu kokuba ebeqashwe ngeso lokhozi.
Ibhentshi leBafana libe selenza uguquko ngomzuzu ka-63 kungena uThapelo Maseko eendaweni kaThapelo Morena ongabanga nomdlalo omuhle.
Isethenjwa somgadli weBlue Sharks, uBebe, ongene ngesiwombe sesibili, ungene nomnyakazo omkhulu egoba amabhola ayingozi, lacishe langena igoli ngomzuzu ka-77 ngesikhathi uJovane Cabral ededela ibhola elibi laphuma kancane phezu kwamapali sekuvalwe amehlo.
Kuphinde kwangena uMihlali Mayambela ngomzuzu ka-84 sekusele imizuzu embalwa kuphele umdlalo, engena endaweni kaPercy Tau naye ongabanga nomdlalo omuhle.
Sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-92 wesikhathi esengezwe ngunompeme uWilliams uphinde wakhombisa ubuqhawe bakhe evimba inguzunga yeshodi ebidedelwe nguGilson Tavares obesephume uqekelele, walichitha lashayisa ipali labuyela enkundleni, iBafana yaphuma emlonyeni wengwenya.
Esikhathini esengeziwe iBafana yiyona ekhombise ukucindezela, futhi yathola amathuba amaningi kuneBlue Sharks, kodwa kwala kona ukwenza, zaze zagcina ziya kumaphenathi.