OWAYEYISIQONGQWANE seBafana Bafana, uLucas Thwala, udonse ngendlebe abadlali baleli qembu ukuthi bengangenwa wumona ngokuhlabana kukaPercy Tau ebholeni lase-Afrika kodwa bakusebenzisele impumelelo yeNingizimu Afrika.
UTau ogijima kwi-Al Ahly yase-Egypt, ukhale wemuka nomklomelo weCaf Men’s Interclub Player of The Year kulandela ukusiza i-Al Ahly iwine iCaf Champions League ngesizini edlule.
Wehlule uPeter Shalulile waseNamibia ogijima kwiMamelodi Sundowns noFiston Mayele waseDemocratic Republic of Congo (DRC) odlalela iPyramids yase-Egypt. UTau ngumdlali wokuqala waseMzansi owine lo mkomelo. Kubhekeke ukuthi athwale amathemba e-Ahly ezomela i-Afrika emqhudelwaneni iFifa Club World Cup eqale izolo, eSaudi Arabia.
Ngaphezu kwalokho, uTau ngomunye wabadlali azothembela kubona umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uma iqembu lakuleli seliyibambe kwi-Afrika Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.
UThwala, owayeyibamba emuva kwesokunxele eqenjini leBafana eladlala koweNdebe yoMhlaba lapha eMzansi ngo-2010, ukholwa wukuthi ukuhlabana kukaTau kuzokwenyusa ukuzethemba kwakhe kwi-Afcon. Lesi sitobha sidabuka esifundazweni iMpumalanga esiyikhaya likaTau ozakhele igama esayibamba kwiSundowns.
“UTau akabambeki. Ungumdlali odlala ngendlela efanayo ngaso sonke isikhathi. Ungamfaka kwiSekhukhune, engadlala ngendlela efanayo. Akabheki ukuthi ugqoke liphi ijezi. Ukuwina kwakhe umklomelo kuzokwenyusa kakhulu ukuzethemba futhi kumakhele nesithunzi kwi-Afcon. Ozakwabo kudingeka bameseke, bengabi nomona ngoba lokho kuyenzeka ebholeni. Bengasho ukuthi lona sizomphasela ibhola ngemuva ngoba lokho kuzocekela phansi iqembu lesizwe,” kusho uThwala.
Ukuwina kukaTau umklomelo womdlali ophambili kwabadlala emaqenjini ase-Afrika, kungenzeka kumenze aqashelwe nangabaqeqeshi bamazwe ahlukene kwi-Afcon. IBafana ikleliswe kuGroup E obophele iMali, iTunisia neNamibia. Izovula neMali ngoJanuwari 16 e-Amadou Gon Coulibaly Stadium ngo-10 ebusuku.
“Kufanele senze kangcono kwi-Afcon, singahlulwa ngamaBhokobhoko siyibhola. IBanyana Banyana nayo ingompetha base-Afrika. Ikhilikithi nayo yenza kahle. Ngakho izinga iBafana okufanele ifinyelele kulona lenyuswe kakhulu. Asikwazi ukushesha siphume kwi-Afcon. Sineqembu elihle engikholwa ukuthi lingasisebenzela,” kusho uThwala owadlala kwi-Orlando Pirates nakwiSuperSport United.
IBafana kulindeleke ukuthi iqale ikhempu ngoJanuwari 4 eStellenbosch, eWestern Cape.