AmaZulu (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 0
AMAZULU aqede irekhodi leMamelodi Sundowns lokungashaywa selokhu kuqale isizini ka-2021/22 ewina emdlalweni weDStv Premiership ngoMsombuluko ebusuku eKings Park Stadium, eThekwini.
Anqobe ngo-1-0 wegoli lika-Augustine Mulenga obesuka ebhentshini, ngomzuzu ka-74. Unikwe ngobukhulu ubuchule uLuvuyo Memela.
Bese kuphele imidlalo ewu-17 amaBrazillians engashaywa.
Kule sizini kusheshile ukunqamuka ukukhonya kwawo.
Ngesizini edlule kwaze kwaphela imidlalo ewu-22 engahlulwa.
Ashaywa iKaizer Chiefs kuphela. Ngaphambi kwalo mdlalo bese enqobe emine kulandelana.
Aye kowaMaZulu ephuma ekubhaxabuleni izimbangi zawo ezinkulu, i-Orlando Pirates, ngo-4-1.
Yize iSundowns ihluliwe, lokhu akushintshi lutho ngendawo yayo esicongweni seDStv Premiership lapho iqhwakele ngamaphuzu awu-43, emidlalweni ewu-17.
USuthu lunqobe lwanyukela kweyesithathu ngamaphuzu awu-27, emidlalweni ewu-19. Lubambene ne-Orlando Pirates ekweyesibili.
Belunqoba okwesibili kulandelana. Ngempelasonto edlule lwehlule iMarumo Gallants ngo-1-0.
Ngokudla iDowns belubuyisa izinduku. Emlenzeni wokuqala iSundowns yayinqobile.
ISundowns yenze uguquko lomdlali oyedwa eqenjini elishaye amaBhakabhaka. Iqale ngoPavol Safranko.
USuthu lwenze olwabathathu. Luqale ngoThabo Qalinge, Philani Zulu noSamkelo Mgwazela.
Mhlawumbe ukube esiwombeni sokuqala abadlali baMaZulu bebengalilahli kalula ibhola ngabe kuyiwe ekhefini ehamba phambili.
Nakuba u-Andile Jali weSundowns eqhubekile nokukhonya esiswini kodwa noMakhehleni Makhaula woSuthu ubengazibekile phansi.
Phambili uBongi Ntuli, oyiqalayo kulezi zinsuku imidlalo, ubeyiphela endlebeni ezitobheni zezitha.
Ngomzuzu ka-18 kusize uDenis Onyango emapalini eSundowns uThabo Qalinge ethi ulibeka phakathi. KumaBrazilians bekubhoke uSiphelele Mkhulisi eqhamuka kwesokudla. Ubelekelelana noThemba Zwane.
Udonga loSuthu lwenze umsebenzi oncomekayo lubamba uPeter Shalulile noSafranko abagadli beSundowns.
Esiwombeni sesibili nakuba ibhola belihlale lisezinyaweni zeSundowns kodwa uSuthu yilo oluthole amathuba amaningi abecacile
UMemela noQalinge bebewuhlupho beqhamuka kwesokunxele. Nakwesokudla uThembela Sikhakhane ubelokhu ewagobe njalo amabhola ayingozi. Ebona umqeqeshi woSuthu, uBenni McCarthy, ukuthi uNtuli usekhathele, ufake uMulenga olithinte okokuqala ibhola lakhala enethini. Ngemuva kwaleli goli unozinti woSuthu, uNeil Boshoff, ubesethwele kanzima ephebeza amashodi abeSundowns.
NgoLwesine amaBrazillians azobhekana neGallants eLoftus Versfeld Stadium. AmaZulu azodlala neZimnyama e-Orlando Stadium, sebesonga unyaka.