USihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, uthi akangabazi ukuthi uBernard Parker (38) noVuyo Mere (40) bazokwenza umsebenzi oncomekayo eqenjini labo leDStv Diski Challenge (DDC).
Ezinsukwini ezedlule leli qembu laseMpumalanga, limemezele ukuthi labomakadebona bazowuqala ngesizini ezayo umsebenzi wokucija eleDDC.
Bathathe izintambo ku-Ashley Makhanya osenikwe isikhundla sokuba inhloko yabaqeqeshi bezinkulisa ze-The Rockets.
Kuzokhumbuleka ukuthi uParker walimala kabuhlungu ngesikhathi bebhekeke neMamelodi Sundowns, ngo-Okthoba nyakenye koweCarling Black Label Knockout. Waphuka phoqo umlenze.
Nakuba lesi silomo esazakhela igama kwiKaizer Chiefs, sibukeka silulama ngokushesha kodwa bekunokukhathazeka ngekusasa laso kwazise neminyaka isihambile.
Labo makadebona banikwa lo msebenzi nje, Isolezwe bese likutholile ukuthi uMere uzowagaxa emgibeni amakhokho. Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 edlala esigabeni esikhulu kuleli. Uhambo lwakhe waluqala kwiHellenic.
Udlalele neSundowns, Moroka Swallows, Platinum Stars neBidvest Wits. Ize yaphela isizini edlule engazange adlale nowodwa weDStv Premiership. Udlale owodwa weNedbank Cup, beshaya iD' General Football Club.
USukazi utshele Isolezwe ukuthi ubengeke enze iphutha lokudedela kanjalo uMere noParker. Ubancome ngokuba namava ayisimanga ebholeni lakuleli.
Uveze ukuthi bobabili baneziqu ze-Caf C Licence.
"Bobabili banesipiliyoni ebesingeke sisidedele kanjalo. Okwesibili ukuthi banentshisekelo yokukwazi ukusebenza nentsha. Okunye okuhle ngabo ukuthi sebenazo izicucu zokuqeqesha. Angingabazi ukuthi bazokwenza umsebenzi omuhle eqenjini lethu leDDC. Ngiyabathemba ukuthi bazokwazi ukukhiqizela iqembu elikhulu inqwaba yabadlali abanekhono," kubeka uSukazi.
Ushone ezintangeni uma ebuzwa ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthi uMere noParker sebewagaxe emgibeni yini amakhokho.
"Angithandi ukuphawula ngalolo daba. Mina bebengakangitsheli ukuthi sebewagaxe emgibeni amakhokho. Asibayeke bazisholo bona ukuthi sebeyayeka ukudlala ibhola.“
USukazi ube esencoma abadlali bakhe, ithimba labaqeqeshi nawo wonke umsebenzi weGalaxy ngokusebenza ngokuzikhandla ngesizini edlule.
IGalaxy iqede okokuqala kwi-Top 8, iyibambe endaweni yesithupha ngamaphuzu awu-44.
"Siqede iligi sinamaphuzu angaphezulu kwangu-35. Sibuye sangena kwi-Top 8. Ngesizini ezayo sizoqhubeka nokuzimisela. Sizothola nethuba lokudlala kwiMTN8," kusho uSukazi.