SITHEMBISO MKHIZE
OWAYENGUKAPUTENI weLeeds United yase-England, uLucas "Rhoo" Radebe ukhuza abalandeli bebhola kuleli ngokuchapha ngezinhlamba umqeqeshi weBrighton & Hove Albion uma engambophelanga esikimini uPercy Tau.
Ngesikhathi amaSeagulls ebuyisa uTau obebolekiswe kwi-Anderlecht yaseBelgium, yaba nkulu injabulo kubathandi bebhola kuleli, bejabulela ukuba nomdlali ozogijima kwi-English Premier League (EPL).
Ababodwa kwizinkundla zokuxhumana abebencoma umqeqeshi waleli qembu, uGraham Potter, ngokubuyisa lesi sikhwishikhwishi seBafana Bafana esafika kwiBrighton ngo-2018 sase sibolekiswa kumaqembu amathathu aseBelgium.
UPotter waphinde wazandisela ugazi efaka uTau emdlalweni efika ngakho konke bedlala neNewport County kwiFA Cup. Ulandelise ngokumbophela esikimini bedlala neManchester City koweligi.
Nokho uPotter akababanga yisithandwa sabanye bakuleli isikhathi eside kwizinkundla zokuxhumana.
Ungakapheli lo mdlalo, kwikhasi labalandeli beBrighton, abanye abalandeli baqala bagxeka abadlali baleli qembu ngokunganiki uTau ibhola.
UPotter yena wagaxela ngesikhathi esekhipha uTau ungakapheli umdlalo.
Ukugxekwa kukaPotter kwaphinde kwaqhubeka ngesikhathi engamqalisi umdlalo emdlalweni owalandela abahlula kuwo iLeeds ngo-1-0.
Wamfaka sekusele imizuzu ewu-17. Ngemuva kwale midlalo lo mqeqeshi usalokhu embeke ebhentshini uTau kweyeligi.
Ngenxa yalokhu, sekusuke omkhulu umsindo phakathi kwabanye babalandeli bakuleli nalabo abahambisana noPotter ikakhulukazi base-England. Abanye base-England sebeze bathi bayazisola ngokulanda uTau, babengazi ukuthi baziqhatha neziwengu zakuleli.
URadebe owadlala kwiLeeds iminyaka ewu-11, utshele Isolezwe ukuthi lezi zinhlamba okuthukwa ngazo uPotter zizoqhatha uTau nabalandeli bebhola base-England.
Uqhube wathi ukuphenduka iqaqa kukaTau kubalandeli beBrighton kungamphazamisa nasemqondweni, agcine eseshaya udaka enkundleni.
"Lezi zakhamuzi zakuleli ezichaphana noPotter ngenhlamba kaziwuyeke lo mkhuba omubi. Zizozondisa uTau nabalandeli bokuqina beBrighton bese kuphatheka thina kabi kuqala. Ukube bayazi ukuthi e-England, abaphathi bamaqembu nabaqeqeshi bayihlonipha ngendlela eyisimanga imibono yabalandeli," kubeka uRadebe.
Lo makadebona owayephinde abe ukaputeni weBafana Bafana uqhube wathi: "Nginesiqiniseko sokuthi uPotter unezizathu zokungamdlalisi uTau, ubengeke amlande eBelgium ukube ubengekho ezinhlelweni zakhe. Ngiyakutshela uTau unekusasa elihle e-England, masingamoneli, ngiyacela."
NoTau ucashunwe ekhuza labo abagxeka umqeqeshi wakhe. Uhambe emagameni kaRadebe, ethi bazomakhela inzondo kubalandeli baleli qembi athi bamumukela ngezandla ezifudumele.
Ngaphandle kwemidlalo emibili yeligi, uTau uphinde wadlala emithathu yeFA Cup. Ezakhe zilele endaweni ka-15 kwi-log yase-England enamaqembu awu-18. Zinamaphuzu awu-26.